Toby Shapshak
Umbiko wokuqala wekhomishini kaZondo uthole ukuthi izinkampani zamazwe ngamazwe zibe nesandla esikhulu ekulawulweni kombuso, ikakhulukazi i-Bain & Co “ebandakanyeka “ekuhlakazweni” kwe-SA Revenue Service (i-Sars).
Ngo-2014 lowo owayenguMengameli wezwe uJacob Zuma waqoka umngani wakhe kanye nozakwabo uTom Moyane ukuthi abe ukhomishana wakwa-Sars. Kodwa-ke umbiko uthole ukuthi bahlangana ne-Bain ezinze eMelika ezinyangeni eziningi ngaphambi kokuthi baqale isu labo.
UZonde ubhale wathi “ubufakazi bakwa-Sars buyisibonelo esicacile sokuthi izinkampani ezizimele zasebenzisana kanjani nezikhulu, okuhlanganisa nowayenguMengameli wezwe uJacob Zuma, ukuze zilawule isikhungo ebesihlonishwa umhlaba wonke ukuthi singasebenzi kahle.”
Uqhube wathi “ukufika kukaMoyabe kwamosha yonke into kwa-Sars. Wahlakaza zonke izinhlelo zokubusa”.
UZondo uthole ukuthi ukuziphatha kwe-Bain kwakuyicala.
I-Bain yayazi ukuthi ayinabo ubungcweti obudingekayo. Kusho ukuthi yayicabanga ukuthi iNingizimu Afrika yayingenalo ulwazi lalokhu noma yayingenandaba nokuthi inabo yini ubungcweti obudingekayo. Ngicabanga ukuthi owayenguMengameli wezwe uJacob Zuma noMoyane babengazi futhi babengenandaba nalokho.
Umbiko wengeze ngokuthi “uMoyane wayebambe iqhaza ekuthuthukiseni uhlelo lokulawulwa kombuso ngesikhathi esangukhomishana wakwa-Sars… wayengenzi okuzothuthukisa i-Sars. Wayefuna ukuthuthukisa okufunwa uZuma kanye ne-Bain.”
Elandela iseluleko se-Bain, uMoyane waqhubeka nokucekela phansi i-Sars, eyake yathathwa njengesikhungo sentela esisezingeni lomhlaba.
UZondo ubhale wathi “i-Sars icekelwe phansi ngamabomu, ikakhulukazi ngokuhlelwa kabusha kwamandla esikhungo, ukuqokwa kwamasu amasha, ukuxoshwa kwabantu ababalulekile, umkhuba wokwesaba kanye nobuxhwanguxhwangu. Lokhu kuyisibonelo esicacile sokulawulwa kombuso.”
Khonamanjalo, umbiko wekhomishini kaZondo uphinde wathinta abacwaningi mabhuku bomkhakha ozimele.
“I-PwC kanye noNkonki banikeza i-SAA ucwaningo olungenasici iminyaka emihlanu ilandelana phakathi kuka-2012 no-2016. Ngaleso sikhathi, ibhodi lalisesimweni lokungenzi kahle. Ibizibandakanya nasezenzweni zenkohlakalo nokukhwabanisa,” eqhuba umbiko wakhe.
“Kodwa konke lokhu akuzange kubonwe ngisho umcwaningi mabhuku oyedwa.”