Everson Luhanga
IKhomishini kaZondo ithi kungenzeka ukuthi i-ANC iyona eyabhebhethekisa inkohlakalo edale ukubhidlika kwamabhizinisi amaningi kahulumeni.
Ingxenye yokuqala kwezintathu yombiko onzima iveze ukuthi izinkampani i-SA Revenue Service (i-Sars), i-SAA, u-Eskom kanye ne-Denel “zishayeke kakhulu ngenxa yenkohlakalo” edlangile kanye nokulawulwa kombuso okwenziwe iqembu elibusayo.
“Lezi zinkampani ebezihlonishwa kakhulu emhlabeni wonke azizange zinqume ukuthi ziwe zibe yilokhu eziyikho manje,” kusho umbiko womphathi wamaJaji uRaymond Zondo.
“Ukuphazamiseka kwalezi zinkampani kwenzeka eminyakeni eminingi edlule, kodwa uhulumeni neqembu elibusayo bahluleka ukungenelela ukuze kunqandwe le nhlekelele. Kungenzeka ukuthi bebengenandaba noma bebezibukela nje bengazi ukuthi kumele benzeni.”
Umbiko uthi uma kukhulunywa ngamathenda, i-ANC iyona ebithola kakhulu “imali yenkohlakalo”, okubalwa kuyo amathenda amabili amakhulu atholwa uhulumeni wase-Free State kanye nomasipala waseGoli.
Iminikelo emikhulu eyenziwe kwi-ANC ngemuva kokunikezwa amathenda “ikhombisa ukuthi okungenani kulezi zigameko ezimbili imali yenkohlakalo yadluliselwa eqenjini elibusayo i-ANC”.
UZondo uthe “kuyinto ekhathaza kakhulu ukuthi ubufakazi obunikezwe ikhomishini buveza ukuxhumana phakathi kwenkohlakalo yokukhishwa kwamathenda kanye nokuxhaswa kweqembu lezepolitiki”.
“Akunangqondo okwenziwe amaqembu ezepolitiki ukuthi azixhase ngemali yobugebengu njengoba ubufakazi obushaqisayo buveza lokho.
“Into enjalo iwuphawu lokusongela intando yeningi.”