Umbiko oshicilelwe ithimba likaNivalny uveza impilo ephilwa uNgqongqoshe wezangaphandle uLavrov

Arthur Greene

UNgqongqoshe wezangaphandle e-Russia uSergey Lavrov uthathe umakhwapheni wakhe onezigidigidi oyimfihlo wamhambisa ezindaweni zomsebenzi wezokuxhumana ezingama-60,” ngokusho kombiko omusha othusayo.

Ongumlingisi aphinde abe nendawo yokudlela uSvetlana Polyakova uphelezele uNgqongqoshe oneminyaka engama-71 kumazwe cishe alinganiselwa kwangama-24 ahlukene, kubalwa ne-France, i-Italy, i-Switzerland kanye ne-Japan.

Kusukela ngonyaka wezi-2014, laba bobabili kubikwa ukuba bebephila impilo esezingeni eliphezulu, besebenzisa indiza kaNgqongqoshe wezangaphandle ukuze baye ezindaweni eziseqopheleni eliphezulu, lapho okubalwa ne-superyacht ephethwe i-Oligarch.

Lokhu kuthandana kwabo ngasese kuvele ngemuva kombiko othusayo othi “izikebhe, nokufumbathiswa kanye nomakhwapheni ilokho obekufihlwa uNgqongqoshe.” Lokhu kushicilelwe ngoLwesine ithimba lomholi wase-Russia oboshiwe, u-Alexai Navalny.

UPolyakova selokhu wahlala kulesi sikhundla sokuba uNgqongqoshe wezangaphandle e-Russia kusukela ngonyaka wezi-2014, ngaphandle kokungabi neziqu ezifanelekile ukuba aphathe iskhundla. 

Umbiko uthe uPolyakova uyingxenye yesisekelo sikaMengameli uVladimir Putin futhi usekhuphukile waphinde wathola amandla ehhovisini likaNgqongqoshe usekwazi nokuphoqelela abantu ukuba baphume kunmyango kahulumeni.

Umbiko uphinde waveza ukuthi lo olingisayo ucwila emafutheni omcebo, uphethe zindawo ezibiza inani lezigidigidi ezi-200 zamarandi eMelika kanye nase-Russia. Uphinde abe nemoto kanokusho ebiza izigidi ezi-8 zamarandi.

Umbiko kaNavalny ulandelwa olunye uphenyo olwashicilelwa ngesonto eledlule i-Stories, elisola ukuthi uPolyakova kanye noLavrov bebesondelene ngalendlela yokuthi abekade besehhovisini likaNgqongoshe babecabanga ukuthi bashadile.

Umbiko uze wathi abanye abangani bashicilele inamba kaPolyakoya ngegama elithi Svetlana Lavrova”.

Lezi zithandani bezize ziphelezelwe ohambeni lwabo lwangaphandle umama kaPolyakova, indodakazi kanye nomshana wakhe.

Ukungcebeleka kwabo obekuhanjwa nayindodakazi, kwakusuke kuhlelwe kahle, njengoba ubehlezi efaka amavidiyo nezithombe ku-Instagram. I-akhawunti yashintshwa yaba ngasese ngemuva kombiko oshicilelwe ithimba likaNavalny.

Umthombo wesithombe: @anton_mardasov

Izihloko zakamuva