Lungani Zungu
Umbiko oshaqisayo uveze ukuthi izinsiza kusebenza zamaphoyisa zasetshenziswa ekubulaweni kwemeya ye-ANC uSindiso Magaga ngowezi-2017.
Amalungu e-ANC uThabiso Zulu benoLes Stuta babehlezi bekusho njalo ukuthi ukubulawa kukaMagaqa kufaka nepolitiki phakathi nokuthi amaphoyisa ayabandakanyeka.
UMagaqa owayephethe intsha ye-ANC aphinde abe ngunobhala wentsha jikelele, wayeyimeya ye-ANC eMzimkhulu ngenkathi eshona.
Eveza ukukhathazeka kulo mbiko uStuta uthe akamangali.
Sasihlezi sithi abantu abasezihlalweni eziphezulu namaphoyisa bayabandakanyeka ekubulaweni kukaMagaqa, kodwa bancane abasikholwa. Lokhu sekuyasiqinisekisa kusho uStuta oyimeya e-Mzimkhulu.
UZulu uthe abantu ababoshwa babengebona ababulali bakaMagaqa.
Wanikezela ubufakazi bakhe kubaphathi bomthetho ngemuva kwalokho wathola izinsongo zokusabiswa ngokubulawa. Waphinde wadutshulwa, kodwa wasinda.
Ngokusho kukaZulu uMagaqa wabulawela ukulwa nenkohlakalo ngenkathi kuvuselelwa kabusha ihholo lomphakathi waseMzimkhulu okwakumele lakhiwe ngezigidi ezi-R4, kodwa kwaphuma izimali ezafika kwizigidi ezi-R16.
Ngokusho kwe-City Press umbiko ovela kochwepheshe uveza ukuthi amaphoyisa ayabandakanyeka ekufeni kukaMagaqa.
UMagaqa wadutshulwa ngezinhlamvu eziningi esemotweni yakhe edutshulwa ehamba noJabulile Mzizi kanye noNonsikelelo Mafa izimeya ze-ANC ezasinda.
Unkosikazi kaMagaqa uGugu uthe ayekufisa ukubona ababulali bomyeni wakhe bevalelwa ejele.
Ngizophola umangabe ababulali bakhe sebegwetshiwe bajeziswa etshela i-Scrolla.Africa.
UGugu uthi bekunzima kuye nezingane zakhe nakumama kaMagaqa ukuthi baqhubeke nempilo.
Ukuphola kwethu kuzoqala uma sesibona ababulali sebeboshiwe okwamanje lokhu kunzima kakhulu kuthina.
Okhulumela uNgqongqoshe uBheki Cele uLizandzu Themba akazange aphendule imibuzo athunyelelwe yona.