
Dylan Bettencourt
I-Fifa yenze ucwaningo ngokuhlukunyezwa kwabadlali yathola ukuthi iningi labadlali kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) bayahlukunyezwa ezinkundleni zokuxhumana.
Njengengxenye yohlelo lwe-Fifa lokulwa nokuhlukunyezwa ezinkundleni zokuxhumana eNdebeni yoMhlaba ezoba se-Qatar, lolu cwaningo lulandelele izinto ezibhalwe ezinkundleni zokuxhumana ezibalelwa ku-400,000 ngesikhathi sokwandulela kowamanqamu we-Afcon kanye ne-European Championship.
Imiphumela ibonise ukuthi cishe u-50% wabadlali abathintekayo bathole ukuhlukunyezwa ngezindlela ezahlukene.
“Umsebenzi wethu ukuvikela ibhola futhi lokho kuqala kubadlali,” kusho uMengameli we-Fifa uGianni Infantino.
“Isikhathi esiningi izinkulumo ezinkundleni zokuxhumana zisuke zibhekiswe kubadlali, abaqeqeshi, abaphathi bemidlalo namaqembu. Lolu hlobo lokucwasa aluvumelekile ebholeni.”
Umbiko uveze ukuthi iningi labadlali abahlukunyezwayo baqhamuka emazweni angaphandle . Ukuhlukunyezwa kwabantu abathandana nobulili obubodwa kungu-40% kanye nokucwasa ngokwebala kungu-38% kanti yikhona okudale ukuphawula okuningi.
Ucwaningo luphinde lwabonisa ukuthi u-90% wabantu abahlukumeza abadlali kulula ukuthi batholakale.
Ukulungiselela iNdebe yoMhlaba yangoLwezi, i-Fifa izosebenzisana nenhlangano yabadlali i-Fifpro ukwethula izinhlelo zokuhlonza inkulumo enenzondo.
Uma sebekwazile ukuthola umuntu okhuluma kabi ngomdlali, umgomo ukuqinisekisa ukuthi umdlali nabalandeli abakwazi ukubona leyo nkulumo.
“Ukuhlukumeza ezinkundleni zokuxhumana kuwudaba oluthinta umphakathi futhi ebholeni akwamukelekile.
Kuthina lolu hlobo olusha lokuhlukumeza nokucwasa luthinta abantu abaningi okuhlanganisa nabadlali bethu,” kusho uMengameli we-Fifpro uDavid Aganzo.
UMohamed Salah wase-Egypt ubephakathi kwabadlali abahlukunyezwa kakhulu kanti abanye uMarcus Rashford noBukayo Saka.
Umthombo wesithombe: @SabaElBalad