Umbiko kaZondo usola uDuduzane ngenkohlakalo

Celani Sikhakhane

Umbiko wokugcina woMphathi wamaJaji uRaymond Zondo uphakamise ukuthi amaphoyisa aphenye ngokubandakanyeka kukaDuduzane Zuma nezelamani zakwaGupta.

Ngokwalo mbiko, uDuduzane Zuma – oyindodana yowayenguMengameli wezwe uJacob Zuma – wanikeza izelamani zakwaGupta ithuba lokuxhumana noNgqongqoshe bekhabhinethi kanye nezikhulu eziphezulu zezinkampani zikahulumeni ukuze zithole amathenda ezigidi zamarandi.

IKhomishini kaZondo ithole ukuthi uDuduzane “wayengumgudu phakathi kwabakwaGupta nohulumeni, ikakhulukazi uyise.

“Wabamba iqhaza ekunikezeni izinkontileka ze-SOE ezinkampanini ezixhumene nabakwaGupta. Ezimweni eziningi uDuduzane wayekhona ngesikhathi kugwazelwa abantu endaweni ehlala abakwaGupta e-Saxonwold,” kusho umbiko.

“IKhomishini iphakamisa ukuthi amaphoyisa aphenye ukuthi ngabe uDuduzane Zuma walenza yini icala ngokugqugquzela izenzo zenkohlakalo noma ngokugqugquzela ukugwazelwa noma ngokwehluleka ukubika inkohlakalo okungenzeka ukuthi yenziwa phambi kwakhe.

Njengamanje uDuduzane uhlala phakathi kwe-Dubai neTheku, kanti unguSihlalo wegatsha le-ANC.

Lo mbiko uphinde waveza ukuthi abafana nowayenguNgqongqoshe wezeziMali uMalusi Gigaba kanye nowayeyisikhulu sakwa-Eskom uBrian Molefe babevame ukuvakashela umuzi wakwaGupta e-Saxonwold phakathi kuka-2011 no-2014.

Ubufakazi babashayeli babo buveze ukuthi babenikezwa imali eningi njengoba babesebenzisana nabakwaGupta.

Uphinde waveza ukuthi uDuduzane waba nesandla ekuqokweni nasekususweni kukaNgqongqoshe wezeziMali uMnu Nhlanhla Nene ngo-2015.

OwayenguMengameli wezwe uZuma wamemezela ukuthi uxoxile ngokususwa kukaNene ne-ANC ephezulu ukuze ajutshwe ebhange i-Brics kodwa ebufakazini bakhe uRamaphosa waphika ukuthi uZuma wake waxoxisana naye.

Umbiko uphinde waveza ukuthi izimali ze-State Security Agency zaphinde zakhishwa ukuze kuxhaswe ingqungquthela yoKhetho ye-ANC ka-54 eyayise-Nasrec ngo-2017.

Uveze ukuthi kunesikhulu sakwa-SSA ogama laso nguDorothy esasibhekele zonke izinhlelo engqungqutheleni ye-ANC.

Le mali yaphinde yasetshenziselwa ukusekela i-ANC e-Eastern Cape, e-Western Cape kanye nase-Northern Cape, ikakhulukazi ezindaweni zamaKhaladi.

Izihloko zakamuva