Umbhukudi wakuleli uzimisele ngokuphakamisela phezulu ifulegi lakuleli

Dylan Bettencourt

Umbhukudi wakuleli uMatt Sates ukuqinisekisile ukuthi nguyena okumele abhekwe ngabomvu njengoba esehlomule izindondo zegolide kuyona yonke imiqhudelwano yakhe kule nyanga nakuchungechunge lwe-Mare Nostrum e-Europe.

Lo mfana oneminyaka engu-18 uthole izindondo zegolide kuyona yonke imicimbi abeyihambele.

“Uhambo lwase-Mare Nostrum into umqeqeshi wami abehlale engitshela ngayo ukuthi sizoya kuyo futhi ngiyijabulele kakhulu ngafunda lukhulu ,” kusho uSates ngemuva komjaho.

“Ababhukudi bomjaho abakuleli zinga bayamangalisa futhi sonke sibheke umklomelo omkhulu okwenza sibe novalo. 

Kodwa bengihlale ngitshelwa ukuthi ngigxile emjahweni nasekudlaleni ngikhohlwe okuningi.”

ULara van Niekerk uzuze isiliva ku-50m breaststroke waphuthelwa indondo yegolide ngemizuzwana engu-0.05.

UPieter Coetze uzuze izindondo ezimbili zegolide ngoMgqibelo ngaphambi kokuwina indondo yethusi ku-100m ye-backstroke ngosuku olulandelayo.

Abantu baseNingizimu Afrika bazobe benethemba lokuqhubeka nalolu hambo  emiqhudelwaneni womhlaba ozoba se-Budapest kusukela ngomhlaka-18 kuya kumhlaka-25 kuNhlangulana.

“Ngicabanga ukuthi lokhu kuyindlela enhle yokwakha i-Budapest kanti ngithemba ukuthi ngingaqhubeka ngidlale ngendlela emangalisayo,” kusho uSates.

Umqeqeshi wababhukudi uWayne Riddin uthe ikusasa liqhakazile eNingizimu Afrika. 

“Ngijabule ngokuba ingxenye yaleli qembu lababhukudi abaqhamuka noMatt kodwa ukuba noPieter noLara kulokhu kuzosiza ukuthi sifunde ngokuthi umqhudelwano umayelana nani nokuzosikhombisa ukuthi ikusasa lisiphatheleni,” kusho uRiddin.

“Njengoba sekusele iminyaka emibili ukuthi ama-olimpiki aqale ngiyethemba ukuthi abaxhasi bazovela bezokweseka laba ukuze bazilungiselele ukunqoba izindondo e-Paris.”

Umthombo wesithombe @InsideTheGames

Izihloko zakamuva