UMbhishobhi wakumabonakude usolwa ngokungakwazi ukukugcina ebhulukweni

Philani Mzila

Kuboshwe uMbhishobhi uIsrael Makamu, ophethe uhlelo oludumile lwezingxoxo kumabonakude, i-Rea Tsotella.

UMakamu uvulelwe icala lokuhlukumeza ngokocansi, kulandela izikhalazo ezenziwe ngowesifazane oneminyaka engama-21.

Isiqeshana somsindo esiqale ukusabalala, saqopha lo mbhishobhi webandla i-Endless Hope Bible Church okusolwa ukuthi wayezama ukucela ucansi kowesifazane.

Ngenkathi kukholakala ukuthi lesi sigameko senzeka eminyakeni emine eyedlule, le ntokazi yavulela lo mbhishobhi icala esiteshini samaphoyisa e-Midrand ngesonto eledlule.

NgeSonto, uMakamu ubonakale ohlelweni lukamabonakude ku-Moja Love, elibizwa ngokuthi Ama Bishop, ezodingida udaba lokuqoshwa emoyeni, wakuphika ukuthi wayefuna ukuya ocansini nesisulu, okuthiwa wayeneminyaka eyi-17 ngaleso sikhathi.

UMakamu uthi, “Bengicela okhiye besonto kuphela, hhayi ucansi.”

Isitatimende esikhishwe kamuva ngoLwesithathu okhulumela i-National Prosecuting Authority uPhindi Mjonondwane siqinisekisile ukuthi uMakamu waboshwa wabuye wadedelwa ngebheyili.

“INkantolo yeMantshi yase-Palm Ridge idedele uMbhishobhi uIsrael Makamu ngebheyili yemali eyizi-R2,000 kulandela ukuvela kafishane ngecala lokuhlukumeza ngokocansi.

“Leli cala limayelana nesigameko okuthiwa senzeka ehhovisi lakhe esontweni e-Alrode ngoMandulo ngowezi-2018.

“Icala lihlehliselwe kumhla ziyi-13 kuNtulikazi kowezi-2021 ukuze kuqhubeke uphenyo,” esho.