UMbhishobhi uTutu ukhethe ubuntu ngesikhathi abaholi abantekenteke bekhetha ukuxova

Paul van Zyl

Esinye sezimiso kweziningi ezizohlala zilondolozekile futhi zinothile kwabaningi kwabakuleli ngoMbhishobhi uDesmond Tutu obaziwa ngo- “The Arch” yikhono lakhe eliyisimanga lokukwazi ukuma aqhakambise ubuqotho ezimweni ezibucayi nalapho okwakunzima ukuthola izimpendulo kuzona.  

Njengoba ngasebenza njengoNobhala kwiKhomishini yamaQiniso nokuBuyisana, ngaphansi kobuholi bukaMbhishobhi uTutu ngazibonela bukhona lo mholi ethatha izinqumo ezinzima futhi ezinqala okwakungelula ukuzithatha kodwa cishe zonke ezazihlaba esikhonkosini.

Ngenkathi uMnu uP.W Botha omunye womengameli bakuleli ngesikhathi sikahulumeni wobandlululo owaye dume kabi ngokuthi wayengazimisele ngokuvuma izono zakhe nezahulumeni wakhe, kwakulindeleke ukuba avele phambi kweKhomishini yamaQiniso nokuBuyisana, uMbhishobhi uTutu wangibiza ngokukhethekile ngobusuku obabandulela ukuvela kukaBotha kwiKhomishini ezongixwayisa ngokuthi ngingalinge ngihlambalaze umuntomdala uma esevela kwiKhomishini.

Ngamkhumbuza uMbhishobhi ngokuthi sabe sinobufakazi obuqanda ikhanda obabuqinisekisa ukuthi uBotha wayegunyaza futhi egqugquzela ukuba kuhlukunyezwe, kuphinde kusocongwe abantu, ngimtshela ukuthi kumele siqinise isandla uma sesimpeka ngemibuzo lo mholi, uMbhishobhi wavuma kodwa wakugcizelela ukuthi kumele imibuzo yethu siyibuze ngendlela enesizotha futhi ezomnikeza isithunzi sakhe uBotha njengo mengameli.

Ngaleso sikhathi lokhu kwabukeka njenge ndlela enozwelo kumholi owayenukwa ngokuba nesandla kwinqubo eyayingagwinyisi mathe yengcindezelo eyayiqhubeka ezweni.

Phezu kokuba uBotha wayezophathwa ngendlela ehlukile kwabanye ababethula ubufakazi phambi kweKhomishini kodwa wakhetha ukwenqaba ukuvela kuyona. Ngemuva kwezinyanga ezimbalwa edelele iKhomishini ngokunqaba ukuvela phambi kwayo, lo mholi wabe esejeziswa kodwa wazivikela ngokuthi iKhomishini yayingakhelwe ukuthi ithole ubufakazi kodwa yayakhelwe kuphela ukuhlambalaza yena.

UMbhishobhi wayengazi ngesikhathi engibiza ukuthi uBotha wayengeke alubhade kwiKhomishini nokuthi lo mholi wayeme ngokuthi uma evela kwiKhomishini wayezophathwa ngendlela ezomthunaza isithunzi sakhe. 

Njengoba kwase kucacile ukuthi uBotha wabe esenqindeke amandla futhi eselahlekelwe nawukuzithemba, ngaleso sikhathi isithunzi sikaMbhishobhi uTutu esehla emva kokuthi uBotha anqaba ukuvela kwiKhomishana yakhe, sabuya.

Angifuni ukuthi isinyathelo sikaMbhishobhi sokungibiza ngaphambi kokuba uBotha avele phambi kweKhomishini sabe sigqugquzelwa yilokho ayekuzwa ngokukamoya. Kumele lokhu ngikuchaze ngenye indlela. Ukuphatha abantu ngendlela enesithunzi lokho akukhulisi kuphela amathuba okuthi kugwemeke ukungqubuzana kodwa kudala ukubuyisana.

UMbhishobhi uTutu wayengagcini nje ngokukhuluma kepha wayekwenza kwenzeke ehlala ekugqugquzela ukuthi uxolo kanye nenhliziyo emnene yizikhali ezidlula zonke ezikhona.

OkaTutu wayekuqhakambisa ukuthi lezi zikhali zombili uma zisetshenziswa ngendlela enobuhlakani zinamandla ayisimanga adlula ngisho ukuqhakanjiswa kokuhlukanisa abantu phakathi ngobuhlanga kanye nokujivaza nokwehlisa isithunzi, okuyizikhali zabaholi abantekenteke. 

UMbhishobhi uTutu waphinde wasifundisa futhi wasixwayisa ngobungozi bokucabanga ukuthi abantu ikakhulukazi abangani bethu noma laba abasemagunyeni abakade belwela okuhle bona kufuneka baphathwe ngendlela ehlukile kunabanye.

Wayehlale ekugcizelela, emile eqinisweni elithi inqubo yobandlululo yayisono esingakaze sibonwe esikhumbuza njalo ukuthi isihluku nobugebengu obenziwa ubandlululo kungalingwe kuqhathaniswe namaphutha enziwa umbuso wentando yeningi ngaphansi kweqembu elibusayo. Esekushilo lokho, wayengenamahloni ukulibeka lime ngesihloko elithi ubuholi bukakhongolose nabo kuyadingeka ukuthi buphendule ngeziphambeko zabo. 

Ngikhumbula kungathi into esanda kwenzeka kwesinye sezithangami zokukhipha ingonyuluka lapho uMbhishobhi uTutu amisa omunye wabaholi abaphezulu bakakhongolose esephakathi nendawo nobufakazi bakhe ezama ukuzithethelela ngesihluku esasenziwa kulabo ababesolwa ngobumpimpi. “ Uyabona uzodala umonakalo omkhulu uma uthatha leyondlela,” ebhoka ngolaka. ” Abalweli benkululeko banenselelo nesimiso sokuvikela elinye lamalungelo awumgogodla  wentando yeningi.  

Lamazwi ehambisana namanye amaningi ayekhombisa ubunjulalwazi.  Nakuba wagcina esezifakela umsanka,  uMbhishobhi uTutu emadolonzima enjalo wayelibeka lime elwisana nezenzo zenkohlakalo ngaphansi kweqembu elibusayo. Lesi isikhumbuzo ebuholini buka Mongameli Cyril Ramaphosa nalapho uMbhishobhi uTutu wakwamukela ngenkulu intokomalo. 

Ngokuthandeka kwakhe kanye nohleko olungajwayelekile olwagcina luwuphawu lwakhe, uMbhishobhi uTutu wayehleze njalo ngaphandle kokuguquka wayelokhu ewumuntu omnene, ehlala ejabule kanti futhi enethemba lokuthi ikusasa kuyoba eliqhakazile. 

U-Paul van Zyl ungomunye wabasunguli kanye nesikhulu esiphezulu kwinhlangano i-The Conduit. Wayengunobhala wethimba eliphezulu esigcawini seKhomishana yamaqiniso nokubuyisana phakathi kuka-1995 no-1998. Udaba lonke seluphelele ungaluthola ku-website ye-Daily Maverick 

Izihloko zakamuva