UMbhishobhi ufuna kubuyiswe uDlamini kwi-ANCWL

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

Umholi webandla laKwaZulu-Natal owake waphumela obala ngokuthandazela ukuthi uMengameli Cyril Ramaphosa adlule emhlabeni ukhankasela uBathabile Dlamini ukuthi abuye ihlandla lesibili ekubeni uMengameli we-ANC Women’s League.

UMbhishobhi wamaWeseli uSandile Ndlela wethule umkhankaso ngomzuzu wokugcina kalowo owayenguNgqongqoshe wezokuthuthukiswa komphakathi.

UDlamini walahlwa icala ngokuqamba amanga phambi kwenkantolo ngoNdasa nyakenye kwafuneka akhokhe inhlawulo ka-R200,000.

UNdlela ungene ezinkundleni zokuxhumana nemibhalo enxusa ukuthi abesifazane bavotele uDlamini.

“UMbhishobhi uNdlela weseka uBathabile Dlamini ukuthi abuye ihlandla lesibili,” kufundeka lo mbhalo.

Ngasekuqaleni konyaka uNdlela wakhuleka kanzima ngaphandle kweNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu ngesikhathi kuqhubeka icala lowayenguMengameli wezwe, uMnu Jacob Zuma ecela uNkulunkulu ukuthi athathe uRamaphosa.

“Kumele ashone uRamaphosa, sicela uNkulunkulu amthathe. Thatha lesi silwane,” kukhuleka umfundisi oweseka uZuma.

Ingqungquthela yokukhetha ubuholi be-ANCWL izoqala ngomhlaka-16 kuya kumhlaka-19 kuNhlangulana.

Abazongenela ukhetho kubalwa uBathabile Dlamini, uSisi Talashe, noThembeka Mchunu.

Umholi we-ANCWL esifundazweni e-KZN ongathandanga ukudalulwa utshele i-Scrolla.Africa ukuthi umbhishobhi kumele aqhelelane nepolitiki yabesifazane.

“Akuyona indawo yakhe le, kumele abambelele obizweni lwakhe njengombhishobhi akhulekele ubumbano lwe-ANC esikhundleni sokukhetha izinhlangothi,” kusho lo mholi.

Uthe e-KZN baseka uTalashe wase-Eastern Cape.

“Sesidlulile isikhathi sikaBathabile Dlamini akavumele abanye bathathe izintambo,” kusho umholi wase-KZN.

Ingqungquthela yokukhetha ubuholi izoqhubeka eGoli kanti umengameli ozokhethwa uzohola imikhankaso yabo ebheke okhethweni lukazwelonke luka-2024.

Osesithombeni esingenhla: UMbhishobhi uSandile Ndlela owake wathandazela ukuthi uMengameli uCyril Ramaphosa ashone manje osengene shi kwipolitiki ye-ANCWL

Izihloko zakamuva