Umbhikisho wokuthi impilo yebhunu ibalulekile uphenduke umonakalo

Iveni lamaphoyisa lithungelwe ngomlilo nenkantolo yahlakazeka ngenkathi abalimi abathukuthele bezama ukuzahlulela bona ngoLwesibili.

Umbhikisho obusenkantolo yemantshi yase-Senekal e-Free State lapho abasolwa ababili ababandakanyeka ekubulaweni komphathi wepulazi uBrandin Horner oneminyaka engama-22 bevela enkantolo.

Kusukela ekuseni, izimoto zokulima kanye nogandaganda bezilandelana zibhekise amabombo e-Senekal.

Ngemuva kokuthi icala lalamadoda amabili lihlehliselwe umhla ziyi-16 kuMfumfu, ababhikishi abathukuthele bangene nezicabha enkantolo befuna ukuthi inkantolo ibanikeze abasolwa, uSekwetje Mahlamba oneminyaka engama-32 kanye noSekola Matlaletsa oneminyaka engama-45.

Bathe bafuna “ukubalungisa ngendlela efanele.”

Kube nokuqhuma kwezibhamu, kodwa akekho olimele.

UBrandin watholakala eshonile, elenga esigxobeni ngoLwesihlanu ekuseni enamanxeba ekhanda kanye nasebusweni eduze nepulazi le-Paul Roux e-Free State.

Kubikwe ukuthi abasolwa ababili babanjwa ngoMgqibelo ngezimpahla kanye nezicathulo ezigcwele igazi ngemuva kokuthi umqashi kaBrandin uGilly Scheepers ekhiphe umklomelo wemali eyi-R50,000 kunoma ngubani ongeza nolwazi oluzokwenza ukuthi kubekhona ababoshwayo.

Izihloko zakamuva