Lubhalwe nguKarabo Rammutla
Ngemuva kokuthi kudlwengulwe umfundi wesifazane ekolishi i-Tshwane North ngeledlule, abafundi abangaphezu kwekhulu abebedinwe begane unwabu bangene emigwaqeni babhikisha ngoMsombuluko.
Kodwa umbhikisho wabo usheshe wehluleka ukulawuleka waba nodlame. Abanye abafundi baphendule lo mbhikisho isigameko sokuphanga, kanti basolwa ngokuhlasela intatheli ye-Daily Sun ebibika isendaweni yesigameko.
Ngesikhathi ababhikishi beqala ukuhlangana bebecula ngokuthula ngaphandle kwamasango esikhungo.
Abafundi abebedinwe begane unwabu bebefuna kuqalwe izinyathelo zokwenza isikhungo siphephe kakhudlwana ngemuva kwezinsolo zokuthi owesilisa – obengeyena umfundi – uye wanyonyoba ngoLwesine olwedlule wadlwengula umfundi wesifazane. Akekho umsolwa oboshiwe ngalokhu kuhlasela.
Kodwa-ke, ngesikhathi amaphoyisa amaningi efika embhikishweni ngoMsombuluko izinto ziye zaqala ukushuba.
Abanye ababhikishi baqale ukujikijela amatshe emgwaqeni ngesikhathi abanye beqala ukusabisa abadayisi bendawo befuna ukudla kwamahhala.
Isimo siye sashuba kakhulu ngemuva kwalokho.
Abanye ababhikishi bavale umgwaqo ongenela esikhungweni semfundo ephakeme e-Soshanguve.
Ngesikhathi intatheli ye-Daily Sun uKgalalelo Tlhoaele ethwebula lesi simo ngocingo lwakhe, iqulu labafundi liye lamngunga. Bamsole ngokuzama ukubathwebula ukuze baboshwe.
Uye wawasusa amavidiyo ngemuva kokuthukwa nokusatshiswa ngokuthi ucingo lwakhe luzothathwa.
Ngemuva kosizi utshele i-Scrolla.Africa ukuthi nakuba lesi sigameko simthusile akumele izindaba zibhalwe ngezintatheli.
“Ngiyethemba ukuthi imiphakathi yethu iyabona ukuthi izintatheli zibaluleke kangakanani emphakathini wentando yeningi.”
UMmule Sejosengwe ongumdayisi uthe laba bafundi bayizixhwanguxhwangu nje.
“Abadayisi abanjengami bangena kuphi odabeni lokudlwengulwa komfundi? Kungani bebhekise kithina esingakwazi ukubopha umenzi wobubi noma ukweluleka umfundi? Lezo zingane ziyizixhwanguxhwangu futhi ziyizigebengu,” esho.
Uthe ukube bekungesikhona ukusabela kwamaphoyisa ngokushesha ngabe ulahlekelwe isitoko sakhe.
“Abanye bakhiphe inyama emabhodweni, futhi ngabe silahlekelwe kakhulu ukube amaphoyisa awafikanga ngokushesha.”
Okhulumela amaphoyisa aseGoli uLieutenant-Colonel Mavela Masondo uthe basiqaphile isimo. Uthe bekungakaboshwa muntu.
UMnyango wezeMfundo ePhakeme noQeqesho awuzange uphendule izincingo ze-Scrolla.Africa.
Esithombeni esingenhla: Amaphoyisa amaningi e-TNC e-Soshanguve ngesikhathi abafundi bebhikisha
Umthombo wesithombe: Karabo Rammutla