Umbhikisho uvale umgwaqo onguthelawayeka e-Eastern Cape 

Lubhalwe nguZukile Majova
Umhleli wezepolitiki


Umbhikisho oqhubekayo uvale umgwaqo u-N2 e-Eastern Cape.

Umbhikisho ezindaweni zasemakhaya e-Eastern Cape uyaqhubeka njengoba kuvalwe umgwaqo u-N2 kanye nemigwaqo engena KwaBhaca kuMasipala wendawo Umzimvubu.

Umbhikisho owenziwe inhlangano yamatekisi i-Uncedo usukela ekuhlulekeni kukahulumeni wase-Eastern Cape ukukhokhela izinkulungwane zabashayeli bamatekisi abathutha izingane zesikole.

Njengoba izikole ziqhele kakhulu nezigodi kwesinye isikhathi kuba nesikole esisodwa esisiza izigodi eziyishumi, kanti kunesidingo sokuthi kuthuthwe abafundi nsuku zonke.

Ngaphambi kwalokhu abafundi babehamba amabanga amade beya esikoleni bengadlile.

Lokhu sekubeke abafundi abaningi engcupheni yokuhlaselwa, ukugetshengwa nokudlwengulwa ikakhulukazi ebusika njengoba kusuke kumnyama ekuseni uma beya esikoleni.

Abashayeli bamatekisi bapake ezimpambanweni zemigwaqo ezibalulekile okwenza abashayeli bangakwazi ukufinyelela kweminye imizila.

Umgwaqo onguthelawayeka u-N2 ungomunye wemigwaqo emikhulu yakuleli exhumanisa izindawo zokuthuthukiswa kwezimboni, izindawo zokukhiqiza kanye namachweba; aseKapa, e-Gqeberha, e-East London kanye neTheku.

Umasipala wendawu uMzimvubu usukhiphe isexwayiso kubashayeli abahamba ku-N2 phakathi naKwaBhaca nase-maXesibeni.

“Lo mbhikisho wamatekisi uvimbele ukungena nokuphuma emadolobheni okukhulunywe ngawo ngenhla.

Imigwaqo enqamulelayo elandelayo ivaliwe:

KwaBhaca:

– I-Osborne Junction

– Igaraji likaphethiloli i-Total

– I-Magaqa Junction

– U-Mtsane Junction

EmaXesibeni:

– I-Phuti Junction

– I-Ntsizwa Junction

– I-Msukeni Junction

– I-Pakade Junction

– I-Sigidini Junction

– I-Engen Garage

Amaphoyisa akhona ukuze aqhubeke nokuqapha isimo.

Esithombeni esingenhla: Kuvalwe umgwaqo u-N2 e-Eastern Cape

Izihloko zakamuva