Umbhikisho onodlame izakhamizi  zishisa izimoto zikamasipala

Lubhalwe nguDoreen Mokgolo

Izakhamizi zaKwa-Thema ebezikhungathekile zigcwale imigwaqo ngoLwesibili zikhalaza ngokubambezeleka kokubuyiselwa kukagesi.

Isixuku ebesithukuthele sivale umgwaqo omkhulu ngamathayi avuthayo, imfucumfucu nangamatshe asetshenziselwa ukubiyela ipaki yendawo.

Bashise izimoto ezimbili zikamasipala ebezipakwe emahhovisi akwa-CCC Kwa-Thema bacekela phansi namabhilidi.

Udlame luhehe inqwaba yamaphoyisa. Kodwa ntambama baphinde bahlangana epaki bathi bazolinda ilungu lekomiti lemeya elibhekelela ezaManzi, ukuThuthwa kweNdle naMandla uMnu Leshaka Manamela ukuthi akhulume nabo.

Sekuphele izinsuku ezingaphezu kuka-20 umphakathi ungenawo ugesi ngemuva kokusha kwe-transformer esiteshi esikhulu saKwa-Thema.

NgoLwesihlanu, ngesikhathi kunomhlangano womphakathi uManamela uqinisekise izakhamizi ukuthi bazophinde baxhume ugesi ngomhlaka-29 kuNhlaba.

Lesi ngesinye sezethembiso ezingasho lutho abebelokhu betshelwa zona kusukela kwenzeke lesi sigameko. IMeya yase-Ekurhuleni uMnu Sivuyile Ngodwana ubethembise ukuthi ugesi uzobuya ngemuva kwezinsuku eziyisikhombisa kwenzeke lesi sigameko futhi lokhu kwalandelwa ezinye izethembiso.

Isakhamuzi esinganeme uTshepo Mowelase utshele i-Scrolla.Africa ukuthi bakhathele ukutshelwa izethembiso ezingekho ngenhloso yokuphatha izakhamizi.

“Esikufunayo ukuthi umasipala usitshele iqiniso futhi uyeke ukwenza le midlalo nokudlala ngemizwa yethu.

“Manje sikholelwa ekutheni ugesi ngeke ubuye ekupheleni kwaleli sonto futhi sizoqhubeka nokubhikisha ukuze sifake ingcindezi kumasipala omkhulu,” esho.

UMowelase wengeze ngokuthi umasipala udlala ngamabhizisi endawo abaziphilisa ngawo.

“Izitolo eziningi enxanxatheleni yezitolo yakule ndawo zivaliwe njengoba ugesi ungekho, izindawo zokucwala izinwele kanye nezindawo zokudlela nazo zivaliwe.

“Umasipala ulindele ukuthi izakhamizi zilulame kanjani kulokhu?”

Ikhansela lendawo uMnu Sizwe Nhleko uthe iphutha lekhebuli esiteshini sikagesi i-Van Eck liphazamise ukuxhunywa kabusha ezingxenyeni ezithile zomphakathi.

“Ngesikhathi onjiniyela bezama ukuxhuma kabusha kwezinye izindawo i-transformer ayikwazanga ukuthatha umthwalo nokuyinto ethinta ukuxhunywa kukagesi kwenye indawo,” engeza.

Okhulumela amaphoyisa aKwa-Thema uSayitsheni Nkululeko Magudulela ukuqinisekisile ukuthi kuboshwe iqulu lababhikishi ngokudala udlame emphakathini.

“Bazovela eNkantolo yeMantshi yase-Springs emahoreni angu-24 azayo,” esho.

Esithombeni esingenhla: Kushiswe izimoto zikamasipala wase-Ekurhuleni ngesikhathi kunombhikisho

Umthombo wesithombe: Doreen Mokgolo

Izihloko zakamuva