Sizwe Sibiya
Iphalamende laseNingizimu Africa lizidonsele amanzi ngomsele ngezinqumo ezingaphusile kulo nyaka odlule, okwenze umbhali wezincwadi wazibuza ukuthi ngabe bakuthathaphi lobuhlakani kwabo..
Kusukela kowayenguMengameli owayengakwazi ukufunda izinombolo kuyela kwizinto ezenzakalayo ezihlekisayo, indlela abenza ngayo izinto kuholele ekutheni uVonisani Mabunda azibuze ukuthi iyiphi incwadi uMengameli kanye nekhabhinethi lakhe abayifundayo.
Kodwa uma ngabe nakhona kukhona abakufundayo.
“Ngifisa ukwazi ukuthi uMengameli ufundani. Ngifisa ukwazi ukuthi oNgqongqoshe bethu bafundani,” kusho uMabunda ongumbhali wezincwadi eziyishumi, azikhipha ngolimi lwesi-Tshivenda.
UMabunda ukholelwa ukuthi sekuyisikhathi sokuthi ukufunda kumele kuthandeke futhi, kumele osopolitiki balandele lokho bafunde okukodwa noma okubili ngencwadi yabo.
“Sesibone zonke izinselela eNingizimu Afrika. Kusukela ekudonseni izinselela nokuziqhayisa, kuya kwimfashini. Manje sekuyisikhathi sokuthi sichome ngokufunda,” kusho uMabunda etshela i-Scrolla.Africa.
Njengoba uMabunda eqhubeka nokukhipha izincwadi esizwa inkampani yakhe, ebizwa nge-Monde Media Agency Books, uhola umkhankaso ofisa isizwe sifunde incwadi ethi-What Are you Reading.
Lo wesilisa oneminyaka engama-35 oqhamuka e-Limpopo – kodwa ohlala e-ALexandra kanye nase-Tembisa – uchithe izinsuku zakhe zobudala ebhekane nosopolitiki kanye nobulungiswa bezenhlalo.”
Usheshe waqaphela, noma kunjalo, indlela engcono yokuxhumana nabantu ngezinkinga zabo ukuthi sipholise izimpilo zemndeni yabo. Ukwenza lokho ngokubhala izinkondlo ezibuyisa ithemba ngothando nangobudlelwano.
Izincwadi zakhe asazibhalile, kubalwa nencwadi ethi-Jackpot, It Will Grow kanye ne-Purified.
Uma ngabe abantu bethola isikhathi sokuba bafunde, uMabunda uthe: “kuzoba yinto enhle uma befunda izincwadi zababhali basendaweni.”