Lungani Zungu
UDkt uMaud Mthembu uthe uma ebhalela izingane izindaba, umongo nokuhlelwa kwendaba kubalulekile.
“Le ncwadi ixoxa indaba ngokombono wengane evela ezindaweni zasemakhaya,” kusho uDkt uMthembu, onguthisha e-UKZN.
Incwadi, ebhalwe ngesiZulu nge-Covid-19 ibizwa ngokuthi ‘Uhambo Lwami’ ngesikhathi se-Covid-19.
Ixoxa ngodaba lukaNsimu, ingane eneminyaka eyishumi umndeni wayo owathinteka yi-Covid-19 kanye nomthelela owalethwa yilesi sifo kubo.
Uthe izingane, kubandakanya lezo ezisuka ezindaweni zasemakhaya, ziyazazi ukuthi ziyayithola le ndaba.
“Yize ukushona kwezingane kuphansi, abaningi balahlekelwe abanakekeli babo noma amalungu omndeni ngenxa yegciwane,” esho.
“Le ncwadi ilungele ukuqala izingxoxo ezihlobene ne-Covid-19 nezingane, nokuzisiza ukuthi ziveze ezihlangene nakho nemizwa yazo ehlobene nokulahlekelwa zisebenzisa ulimi olulungele izingane.”
UMthembu ubambisene neLulisandla Kumntwana, okuyinhlangano ezimele yaseMseleni, ukusabalalisa izincwadi ezingama-400.
“Yamukelwe kahle yizingane nothisha,” esho.
“Siyayibonga i-German Academic Exchange Service ne-Fachhochschule University ngosizo lwemali esilutholile ukubhala le ncwadi,” kusho uMthembu.
Lesi sifo siholele ekushoneni kwabantu abaningi ababalulekile okubalwa kubo iSilo samabandla wonke uGoodwill Zwelithini, esikhothame ngoLwesihlanu esibhedlela i-Chief Albert Luthuli Central.