Umbhaki uyisibonelo esihle emphakathini

Doreen Mokgolo

Njalo ngo-5 ekuseni uNaledi Dhlomo ubonakala egibele ibhayisikili lakhe ehambisa akuthengisayo indlu nendlu.

Ngenhloso yokulwa nokuntuleka kwamathuba emisebenzi, uNaledi manje usefundisa mahhala intsha nabesifazane abangasebenzi ukubhaka endaweni yase-Soshanguve nakwezinye izindawo.

Uphakela nabangenamakhaya futhi udayisa isinkwa sakhe ngentengo ephansi ukuze aqinisekise ukuthi yonke ingane iyadla endaweni yangakubo.

UNaledi ekhuluma  ne-Scrolla.Africa uthe “Bengihlezi ngikhathazekile ngokuntuleka kwemisebenzi nobubha kodwa bengingazi ukuthi ngingasiza kanjani ngaphandle kokunikela ngamaphasela okudla”.

Ngenkathi inkontileka yakhe yokupheka iphela kwi-SANDF ngo-2019 umngani wakhe wamkhuthaza ukuthi abhalisele izifundo zokubhaka.

“Ubeyazi indlela engikuthanda ngayo ukubhaka futhi wangikhuthaza ukuthi ngisebenzise ikhono lami wangisiza nangemali yokubhalisa engu-R500,” esho.

Ngo-2020 wanquma ukuvula ibhizinisi lamaswidi egaraji lakhe lapho ayedayisa khona izibiliboco.

Ngenkathi kuhlasela igciwane le-Covid-19 omakhelwane bakhe bamkhuthaza ukuthi aqale ukuthengisa isinkwa.

“Yilapho okwagcina kuqale khona ibhizinisi. Abantu bebefaka ama-oda futhi bebeza ukuzolanda izinkwa”.

Lo wesifazane uye waveza isidingo sokubuyisela emphakathini wangakubo.

“Bengazi ukuthi uma ngibacobelela amakhono nabo bazokwazi ukuthuthukisa izimpilo zabo ngokuthi bakwazi ukubeka ukudla etafuleni”.

Kuze kube manje useqeqeshe abahlali  abangaphezu kuka-500 futhi uthola abantu abaningi abafaka izicelo nsuku zonke.

UNtokozo Mayisa waseMpumalanga osevule ikhishi lakhe elincane lokudayisa uthe ubonga ikhono alithole kuNaledi.

“Bengineminyaka ngingasebenzi okuthe uma ngizwa ngezinsiza ngathatha isinqumo sokubhalisa futhi nginethemba lokukhulisa ibhizinisi lami,” esho.

UThabisile Manana ongomunye wabahlomulile uthe ukwesekwa nokunikwa amandla uNaledi kumsize kakhulu ekubhaleni kabusha umlando wempilo yakhe.

“Ngemuva kokuqeqeshwa wanginika isitofu sakhe esidala ukuze ngiqale ibhizinisi lami”.

UNaledi uhlela ukusungula nokwandisa isikole sakhe sokubhaka ukuze izinsiza zakhe zifinyelele kwabesifazane abangasebenzi, ikakhulukazi ezindaweni zasemakhaya.

“Uma uqeqesha umuntu wesifazane unika umndeni amandla azogcina esize isizwe sonke.”

Izihloko zakamuva