UMbeki uthi abaye empini abafuna umhlaba ngoba wathathwa ngejozi

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

Umfowabo wowayenguMengameli wezwe uMnuz Thabo Mbeki uthi laba abathi bafuna ukubuyiselwa umhlaba owathathwa abamhlophe kumele bangene empini ngoba nabelungu bawuqhwaga ngesibhamu.

UMnuz Moeletsi Mbeki ukusho lokhu ekhuluma esithangamini ebesihlelwe e Hillcrest isikhungo iXubera Institute for Research and Development ngoLwesihlanu owedlule.

Uthe empeleni kungumdlalo ukuthi kukhona umuntu ongabuyiselwa umhlaba owathathwa eminyakeni engamakhuli eyedlule kokhokho bakhe.

UMbeki uthi kunalokho indaba yokuphucwa kwaBantu umhlaba ngaphandle kwesinxephezelo kuzolimaza ukukhiqizwa kokudla kuleli ngoba kuzobeka engcupheni amapulazi amaningi.

“Uyabona uma ngingenza isibonelo ngami. Thina okhokho bethu basuswa eBergville impi yeSilo uShaka ngoba babengafuni ukukhonza kwaZulu. Umhlaba wakithi wasala kanjalo thina salibhekisa e-Eastern Cape. Kumanje lowo mhlaba wethu usuhlala abanye abantu okungaselula ukuthi sesingavele siyovasusa . Yikhoke ngithi lento yokubuyisa umhlaba wokhokho ayilula ngoba nabawuthatha bawuthatha ngesibhamu okusho ukuthi uma ufuna umhlaba wokhokho bakho kuyomele ungene empini,” kuchaza uMbeki.

Uthe okunye abantu njengoba bejahe ukubuyiselwa umhlaba inkinga enkulu ukuthi abanayo imali namakhono okuwusebenzisa ukuze ukhiwize kuphinde ukhulise umnotho wezwe.

Ukhale ngokuthi abanye bavilapha ngisho ukwenza izivande emakhaya kodwa babanga umsindo bathi bafuna umhlaba abazogcina behluleka ukuwusebenzisa.

Ukhale nangokuthi okuxakayo abantu abaningi bagcwele emadolobheni bashiya izindawo zasemakhaya kodwa babanga umsindo bathi bafuna umhlaba abawushiye emakhaya.

Izihloko zakamuva