UMbappe uqokelwe ukuba ukaputeni weFrance 

Lubhalwe nguRazeen Gutta

Ngesikhathi umqeqeshi we-France uDidier Deschamps eqoka uKylian Mbappé njengokaputeni omusha weqembu lesizwe kuleli sonto izihlabani zase-France zihlabe ujenga zizozwakalisa ukucasuka kwazo ngalesi simemezelo.

Lo mgadli we-PSG uzongena esikhundleni sikanozinti osemnkantshubomvu uHugo Lloris njengokaputeni kwabangena kowamanqamu eNdebe yoMhlaba nyakenye ngemuva kokuthi lo kaputeni we-Tottenham ememezele ukuthi useyasula ebholeni lamazwe ngamazwe.

Njengokuphela komdlali emlandweni ukushaya amagoli amaningi kowamanqamu weNdebe yoMhlaba ye-Fifa,uMbappe usenamagoli angu-36 emidlalweni engu-66 ayidlalile.

Kodwa uneminyaka engu-24 kuphela.

Uma sibeka ikhono eceleni, abaningi bebelindele ukuthi u-Antoine Griezmann onolwazi olunzulu athathe le ndima; noma kuqokwe ingwazi yebhola lase-France uRobert Pirès.

“Isinqumo esiphusile yini? Eqinisweni cha. Uma ngibheka impilo yakhe ende, akwenzile eminyakeni edlule, bengilindele ukuthi kube uGriezmann. Ukungahloniphi u-Antoine,” kusho uPirès kubika i-France Info Plus.

“Akumele sikhohlwe okwenziwa u-Antoine kwiNdebe yoMhlaba edlule lapho ayengumdlali ozimisele nongaguquki.”

Kodwa-ke, uzakwabo kaMbappé ophinde abe umdlali wasemuva we-Liverpool u-Ibrahima Konaté ukuncome kakhulu lokhu ngokwezimfanelo zobuholi ezilethwa ukaputeni we-PSG etafuleni.

“Ungumholi ozimisele kakhulu ngaphakathi nangaphandle kwenkundla,” kusho uKonate kubika i-GOAL.

“Ungumfana osemncane othanda ukuhleka nokuzijabulisa, akukho okunye. Ungumuntu ozimisele kakhulu. Abanye bangase bacabange ukuthi unonya. Kuyinto engangibuzwa yona eqenjini lami nakwezinye izindawo. Bengihlezi ngibabuza ukuthi bayahlanya yini? Unomoya omuhle kakhulu.’ Yebo, uzoba ukaputeni okahle.”

UMbappé uzoqala indima yakhe njengokaputeni uma i-France isibhekene ne-Netherlands emdlalweni wokuhlungela i-Euro 2024 ngoLwesihlanu.

Esithombeni esingenhla: UKylian Mbappe

Umthombo wesithombe: @equipedefrance

Izihloko zakamuva