UMbappe angase afudukele eSaudi Arabia

Ukudayiswa kwabadlali bebhola: Joyina uRazeen Gutta embikweni wakhe wamasonto onke wokufuduka kwabadlali okwenzeka kuleli naseYurophu.

UKylian Mbappe angase athuthele e-Saudi Arabia njengoba i-PSG isisamukele isicelo esivela ku-Al Hilal.

Khonamanjalo, ezindabeni zakuleli uLesedi Kapinga usejoyine i-Orlando Pirates.

EYurophu

Indaba kaMbappe inezibuyekezo zayo zakamuva: I-Al Hilal yenze ngokusemthethweni ibhidi elirekhodiwe lomhlaba lika-£260 million (R5.2 billion), kanti i-PSG iyamukele.

Sibukeka sicace bha isikhundla somdlali neqembu. Lo mdlali wase-France ufisa ukubona isivumelwano sakhe samanje simdlulisela e-Paris bese edlulela ku-Real Madrid ngonyaka ozayo.

Ompetha base-France abafuni ukumdedela mahhala futhi bazokwenza konke okusemandleni ukuze bavumelane ngesivumelwano kuleli windi. Uma uMbappe ehlala ku-PSG ngemuva kukaNcwaba, uzonikwa ibhonasi yokwethembeka engu-£50 million (R1 billion) yiqembu.

Kungenzeka ukuthi aye e-Saudi Arabia unyaka wonke ngaphambi kokusayina ne-Madrid. Kodwa-ke, noma yimuphi umnyakazo owenziwayo kule nyanga kuzofanele kuvunyelwane noMbappe nabamele yena.

Elinye igama elikhulu elimataniswa ne-Saudi Arabia isihlabani sase-Senegal uSadio Mane. Lo mgadli owayedlalela i-Liverpool angase ajoyine uCristiano Ronaldo e-Al Nassr kanti i-Bayern Munich izimisele ngokumthengisa.

Ku-Premier League, ukuthengwa kukaConor Gallagher we-Chelsea kubukeka sengathi i-West Ham United izoletha u-£40 million (R800 million) wokuthenga lo mdlali wase-England.

Njengoba isicelo sokuqala singesinye ama-Blues angathanda ukusibona ukuthi siphelelaphi, izingxoxo ziyaqhubeka nomphathi omusha uMauricio Pochettino mayelana nokudluliswa komdlali.

Kwizinqumo ezithathiwe, uWilfried Zaha ekugcineni useyishiyile i-Premier League wayofuna amadlelo amasha. Lo mdlali wase-Ivory Coast uchithe iminyaka eyisishiyagalombili e-Crystal Palace futhi manje usesayine inkontileka yeminyaka emithathu ne-Galatasaray.

Ku-Bundesliga, uMarcel Sabitzer ujoyine i-Borussia Dortmund esuka ku-Bayern. Lesi sivumelwano sibiza u-£16 million (R320 million) futhi siza ngemuva kokuthi i-Manchester United ikhethe ukungambuyiseli uSabitzer e-Old Trafford.

ENingizimu Afrika

Kuleli, isivumelwano sikaLesedi Kapinga seminyaka emithathu ne-Orlando Pirates sesimenyezelwe ngemuva kokuthi lo mdlali oneminyaka engu-28 ubudala eshiye kuMamelodi Sundowns.

Ukusayiniswa kwakhe bekugadwe ngamaqembu ahlukene okubalwa iKaizer Chiefs kanti lo mjaho usunqotshwe amaBhakabhaka.

Amakhosi angase aphuthelwe ngabadlali abaningi njengoba uRowan Human esendleleni eya kuMaZulu, kubika i-The South African.

Lesi sihlabani seMaritzburg United kubikwa ukuthi sizodayiswa yileli yiqembu ngo-R10 million kwazise kunamaqembu amaningi ngemuva kwaso kanti kubukeka sengathi AmaZulu azowudla umhlanganiso.

Esithombeni esingenhla:UKylian Mbappe

Umthombo wesithombe: @deadlinedaylive

Izihloko zakamuva