Celani Sikhakhane
Impi yobukhosi bakwaZulu icishe yaphendula umngcwabo wowayengumholi webutho likaZulu uMgilija kaZihogo Zelanga Nhleko waba impi.
Lesi sigameko esishubile senzeke ngoMgqibelo eHlalangwenya kwaNongoma ngemuva kokuthi lowo obemele iNkosi uMisuzulu, uDkt Dumisani Khumalo, ecele wonke amabutho ukuthi asukume njengophawu lokuhlonipha iNkosi yakwaZulu.
Kodwa abesilisa bomndeni wasebukhosini bakwaZulu abazange basukume.
Esikhundleni salokho, inkosana eyihlubuka uThokozani kaPenwell ubhoke ngolaka wagasela emsamo efuna ukuba uKhumalo ahoxise isicelo sakhe – futhi ayeke ukubiza uMisuzulu kaZwelithini njengeNkosi.
Kuthe uma ukaPenwell ecishe eshaya uKhumalo, usheshe wakhuzwa ibutho elizame ukumthulisa.
“Kungani ubiza uMisuzulu ngeNkosi?” kubuza ukaPenwell.
“Nazi kahle kamhlophe ukuthi asinaNkosi okwamanje. Kodwa ubiza inkosana ngeNkosi ngamabomu ukudukisa abalilayo. Yekani ukugxambukela ezindabeni zomndeni wasebukhosini nigxile ezindabeni zakwaKhumalo,” kusho inkosana uThokozani obethukuthele egane unwabu.
Amanye amabutho amthathe amyisa esihlalweni ukuze adambise isimo, ebesisongela ukungalawuleki.
UMntwana uMbonisi kaBhekuzulu uvele wasukuma watshela abebekhona ukuthi isizwe samaZulu asinaNkosi kuze kube umndeni uqeda yonke imigudu efanele.
UKhumalo utshele abebekhona emngcwabeni ukuthi uthunywe iSilo Samabandla Onke uMisuzulu kaZwelithini ukuthi azoletha inkomo njengophawu lokuhlonipha uMgilija.
Kuphinde kwasuka umsindo eqenjini le-ANC lika-WhatsApp njengoba abanye abaholi beqala ukuphikisana nefa likaMgilija kwezombusazwe.
Abanye bathi umlando wakhe wezepolitiki uyangabazeka. Lokhu kucasule abanye abaholi abasabisa ngokukhipha imininingwane yabanye abaholi abaphezulu be-ANC ababethinteka ekubulaweni kozakwabo ngeminyaka yowe-1990.
Ngaphandle kwempi yasebukhosini, umgncwabo kaMgilija ubufana noweNkosi ngemuva kokuthi ibutho limise idolobha laseMpangane nelakwaNongoma enyakatho neKZN ngoLwesihlanu nangoMgqibelo.