Celani Sikhakhane
Njengoba kunamahektare angaphezu kwezigidi eziyi-2,8 zomhlaba, ifa leNkosi yeSilo samaZulu esingasekho uGoodwill Zwelithini kaBhekuzulu belihlala linqunywa yizinkantolo.
Umcebo kaNgangezwe lakhe ubulinganiselwa ngaphezu kwezigidi ezingama-R300 uma ungabalwa u-27% wawo wonke umhlaba KwaZulu-Natali owawuphethwe yiNgonyama Trust.
Ukwengeza kulokho, isibonelelo saminyaka yonke semali eyizigidi ezingama-R73 esivela kuhulumeni wase-KZN kanye nemali eyizinkulungwane eziningi ezikhokhelwa ukusetshenziswa komkhiqizo wobukhosi bakwaZulu ngabenzi bamafilimu kanye nomkhakha wezokuvakasha.
Ngisho nangaphandle kokunyuswa kwemali minyaka yonke, imali engaphezu kwezigidi ezingama-R700 yemali yabakhokhi bentela ibizoxhasa impilo yobukhazikhazi yeNdlunkulu yakwaZulu eminyakeni eyishumi yokuqala yokubusa kweNkosi uMisuZulu kaZwelithini.
Ngakho-ke akumangazi ukuthi iNdlovukazi yokuqala yeSilo uZwelithini, iNdlovukazi uSibongile Dlamini uyenqaba ukuhoxisa isimangalo sakhe sika-50% wefa lonke.
Ngokombono wakhe, ezinye iziNdlovukazi ezinhlanu zeNkosi kanye noMisuzulu, kufanele babelane ngo-50% osele.
I-Scrolla.Africa sithole ukuthi imibiko yeNdlovukazi uMaDlamini yokuthi ulihoxisile icala eNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu, ingamanga.
Kwincwadi efungelwe , iNdlovukazi uMaDlamini uthe: “Njengoba izinto zimi ngendlela, lonke ifa liphethwe ngokuhlanganyela futhi ngesabelo esilinganayo yimi nomufi Isilo. Lokhu kusho ukuthi ngino-50% walo lonke ifa. . . ngakho-ke, noma imuphi umzamo wokukhipha yonke impahla sengathi impahla yeSilo esingasekho awuvumelekile ngokomthetho futhi angeke kwenzeke.”
Imibiko ehambisanayo yokuthi iNkosi uMisuzulu ihlangane nendlovukazi nayo ingamanga.
“Ngiqeda kukhuluma nje nendlovukazi uSibongile. Uthe akukho mhlangano noma isivumelwano neNkosi uMisuzulu. Abakaze bahlangane selokhu afaka incwadi efungelwe enkantolo,” kusho iNkosazana itshela i-Scrolla.Africa.
Lokhu kuza ngemuva kwemibiko yokuthi iSilo samaZulu esisha sivumile ukuxhasa ngokwezimali wonke amakhosikazi nezingane zikayise ongasekho.
“Alikho icala elihoxisiwe futhi awukho umhlangano owake wabanjwa phakathi kweNkosi uMisuzulu neNdlovukazi uSibongile,” kusho omunye umthombo osondelene nomndeni wasebukhosini.
Enye inkosazana ithe icala lihlehlisiwe ngenxa yenkonzo yesikhumbuzo eyayingoLwesihlanu.
Leli cala linabaphenduli ababalelwa ku-18, okubalwa kubo uMengameli uCyril Ramaphosa noNdunankulu wase-KZN uSihle Zikalala.
I-Scrolla.Africa siyaqonda ukuthi iNkosi uMisuzulu useSwatini ukuyolanda okungokwayo futhi uzobuyela eNingizimu Afrika ezinsukwini eziyisikhombisa ezizayo.