Umbango wamabandla uphenduka udlame

Doreen Mokgolo

UMbhishobhi uPaul Chimpara waqala ukusungula ibandla lakhe e-Tshwane ngo-2018 ukuze abalekele umbango owawuphakathi kwamalungu ebandla elidabuka e-Zimbabwe.

Kodwa ngemuva kweminyaka emine, uMbhishobhi uzithola esenkingeni yokungakwazi ukubalekela lo mbango. Lokhu kugqame ngesikhathi indodakazi yakhe (5) ithunjwa ekuqaleni kwale nyanga ibandla eliyimbangi.

Isimo sishube kangangokuthi amalungu ebandla adabuka e-Zimbabwe angaphansi kwebandla likaMbhishobhi uJohannes Masowe akhonza egcekeni ngoba bakubona kuyindawo evikelekile.

Abaholi abagaqele isikhundla namandla badale izingxabano ezinodlame phakathi kwamabandla eminyakeni yamuva nje.

UMbhishobhi uChimpara uthi yena nomndeni wakhe bathola izinsongo zokubulawa ezivela kubaholi bamabandla ngokuzama ukuthatha izintambo zobuholi begatsha elikhulu elise-Ga-Rankuwa kanti yilokho okwamphoqa ukuthi asungule ibandla elahlubuka kwi-Dilopye, e-Hammanskraal ngo-2018.

Ibandla lakhe linamalungu angaphezu kuka-1 000 kanti iningi labo bahlubuka ebandleni lakhe langaphambilini. Lokhu kumfake enkingeni enkulu yombango nabaholi bamabandla abayizimbangi okuthiwa basuse udlame ukuze babuyise amalungu abo.

UMbhishobhi uthe ngesikhathi kunomlindelo wasebusuku ngo-2019 amadoda amabili ayehlubuke ebandleni elidala avuma kuye ukuthi ayeqashelwe ukumbulala.

“Lokhu kwalandelwa yizingcingo ezisabisayo ezazingiyalela ukuthi ngivale ibandla lami ngoba uma kungenjalo ngizibeka engcupheni yokubulawa,” esho.

“Angikaze ngiwabike la macala emaphoyiseni ngoba ngangazi ukuthi lezi izingxabano ezithinta amabandla.

“Ngisho nangesikhathi indodakazi yami ithunjwa, bengicabanga ukuthi bazama ukungethusa futhi bazoyibuyisa maduze.”

Uthembise ukunikela ngebandla lakhe kanye namalungu ebandla lakhe kulabo abamsusela udweshu.

“Engikufunayo nje ukuthi indodakazi yami ibuye. Uma kudlula usuku ingabuyile ngisabela impilo yayo,” esho.

UMbhishobhi ukholelwa ukuthi indodakazi yakhe ibuyiselwe e-Zimbabwe kanti lokho kwenza amathuba okuthi aphinde ayibone abe mancane kakhulu.

Umthombo ovela ebandleni eliyizimbangi e-Ga-Runkuwa, uthe awubathusi umbango ophakathi kwabaholi bamabandla.

“Singabantu abaphuma emazweni angaphandle. Wonke umholi ufuna ukubonakala enamandla futhi lokhu kungakalwa ngobukhulu bebandla labo,” echaza.

Okhulumela amaphoyisa aseTemba uSayitsheni Herman Moremi uthe amacala amaningi enziwa amabandleni aholwa abaphuma emazweni angaphandle awabikwa kuze kube ukuthi kwenziwa ubugebengu obubucayi obunjengokubulala noma ukuthumba.

“Ngaleli cala abazali bafike esiteshini samaphoyisa bezobika ngesigameko ngosuku olulandela okwenzeke ngalo isigameko,” kusho uMoremi.

“Ngesikhathi sifuna ukuvula icala baye banqaba baphuma esiteshini.”

UMoremi wengeze ngokuthi kudingeke ukuthi baphoqe futhi basabise abazali ukuthi bavule icala lobugebengu ngaphambi kokuthi bavume.

Uphenyo lwamaphoyisa lusaqhubeka kanti amaphoyisa alandela yonke imikhondo.

Ongaba nolwazi olungaholela ekutheni kuboshwe abasolwa athinte amaphoyisa ku-08600 10111.

Izihloko zakamuva