Lubhalwe uCelani Sikhakhane
Kunokungaboni ngasolinye phakathi kweSilo samaBhandla uMisuzulu noNdunankulu waso Inkosi Mangosuthu Buthelezi ngemuva kokuthi imbube ikhiphe esikhundleni sokuba uSihlalo weNgonyama Trust umehluleli uJerome Ngwenya yafakwa iNkosi uThanduyise Mzimela ngaphandle kokuxoxisana noButhelezi.
Inhlangano Indonsa Yesizwe isizwakalise ukukhathazeka ngokungaboni ngasolinye phakathi kwamahhovisi amabili aphezulu ebukhosini bakaZulu.
USolwazi uMusa Xulu we-Indonsa ukugxekile ukukhishwa kwezitatimende zomphakathi ezingafani wathi ukungaboni ngaso linye kubukeka sengathi kumayelana nobuntu kunokuthi kugqugquzelwe ukutholakala komhlaba kanye nokuvikeleka kwezindawo zokuhlala kubantu abaningi abangaphansi kweNgonyama Trust.
“Sibona sengathi ukukhishwa kwezitatimende zomphakathi ezingafani ezenziwa amahhovisi amabili aphezulu ebukhosini bakaZulu nasesizweni kuwuphawu lokungaboni ngaso linye. Umbango ubukeka ungowokuqokwa kukaSihlalo webhodi leNgonyama Trust,” kusho uXulu.
Abaholi boMdabu babambe isithangami nabezindaba bekhala ngokuthi akuzange kuxoxiswane nabo mayelana nokuhoxiswa kukasihlalo webhodi.
Ihhovisi leSilo samaBandla libe selimemezela umhlangano wangasese noNgwenya noMzimela ukuze kuxazululwe lolu daba.
INgonyama Trust iphethe cishe u-30% womhlaba waKwaZulu-Natal egameni lombuso. Ibilokhu inombango selokhu yasungulwa futhi abaningi belugxeka ngokuthi akukhuthazi ukubuyiswa komhlaba kodwa kuhlomulisa ubukhosi bakaZulu kuphela hhayi abantu.
Esithombeni esingenhla: ISilo samaBandla uMisuzulu kaZwelithini kanye noNdunkulu kaZulu Inkosi uMangosuthu Buthelezi
Umthombo wesithombe: Umshuthi oClean