Umbango kwabafuna ukuthenga elebhola 

Lubhalwe nguDylan Bettencourt

Isimemezelo sokudayiswa kweqembu le-Manchester United sakhishwa ngoLwezi kanti njengamanje izwe elicebile elikhiqiza uwoyela libabheke ngamehlo abomvu.

I-Emir yase-Qatar, uSheik Tamim bin Hamad al-Thani, osevele engumnikazi we-Paris Saint-Germain (PSG), unentshisekelo yokuthenga leli qembu lase-England elidumile ngo-£4.5-billion.

Uma isivumelwano siphumelela kuzobe kuyiqembu lesithathu le-Premier League ukuthengwa ngemali kawoyela.

Ngo-2008 iqembu langasese elizimele elilawulwa umndeni wasebukhosini wase-Abu Dhabi lathenga i-Manchester City. NgoNcwaba 2021 i-Saudi consortium yathenga i-Newcastle United ngenani elingu-£ 305 million, okuyenza ibe iqembu lebhola elicebe kakhulu emhlabeni.

Abanye abalandeli be-Manchester United bafisa kwenzeke lokhu ngoba banethemba lokuthi usozimali omusha uzoqala ngokutshala imali enkulu eqenjini lomphathi u-Erik ten Hag.

Kodwa-ke, isivumelwano asikafiki emaphethelweni. Njengoba u-Emir ekholelwa ukuthi inani lika-£ 4.5-billion lilungile ukuthenga leli qembu, umndeni wakwaGlazer, ophethe i-United kusukela ngo-2005 ufuna i-£ 6-billion ngokusho kwe-Guardian.

Kunesinye isithiyo esikhulu ngaphambi kokuthi ompetha base-England asebewine amahlandla angu-20 kwi-championship badayiselwe kusozimali wase-Qatar, kunemithetho eqinile yenhlangano ephethe ibhola e-Europe ye-Uefa yobunikazi.

Ukugwema ukungqubuzana uma i-PSG ne-Manchester United bebhekana emiqhudelwaneni yase-Europe, imithetho ye-Uefa ikubeka ngokucacile lokhu: “Akukho muntu noma inhlangano esemthethweni engase ibe nokulawula noma ibe nomthelela emaqenjini angaphezu kwelilodwa abambe iqhaza emqhudelwaneni we-Uefa.”

Futhi ukwengeza kwizithiyo ezingase zibe khona, kuzoba nempikiswano enkulu mayelana nobunikazi obusha uma kubhekwa irekhodi lamalungelo abantu e-Qatar.

Njengoba kubonakale ngokuthengwa kwe-Newcastle United nakwiNdebe yoMhlaba ye-Fifa muva nje, izishoshovu zamalungelo abantu zizophikisana nalesi sivumelwano. I-Amnesty International ichaze intshisekelo ye-Qatar ku-United “njengekhwela lokuthi i-Premier League kumele ishintshe imithetho yobunikazi bayo.

Kodwa lo sozimali wase-Qatar akuyena kuphela onentshisekelo. Omunye wabacebe kakhulu e-Britain, uSir Jim Ratcliffe ukuqinisekisile ngenyanga edlule ukuthi inkampani yakhe isemathubeni okuthenga i-United emndenini wakwaGlazer, kubika i-Guardian. Usozimali oneminyaka engu-70, ubengumlandeli we-Manchester United impilo yakhe yonke, ungumnikazi we-petrochemical and fracking giant i-Ineos.

Isithombe esingenhla: Umnyango wenkundla ye-Manchester United i-Old Trafford

Umthombo wesithombe: @DeadlineDayLive

Izihloko zakamuva