Lubhalwe nguZukile Majova
Ziningi izigebengu ezihlose ukufaka iqembu le-ANC ehlathini.
UNobhala Jikelele we-ANC, uMnu Fikile Mbalula uthe le into osekunesikhathi ikhona futhi bebeyivumela bengayinakile ukuthi idlondlobale.
“Yonke indawo ezweni hhayi lapha eMkhondo kuphela, kunezigebengu ezenza umathanda zihlukumeza izinhlaka zethu namalungelo ethu.”
UMbalula ubekhuluma ngoLwesithathu e-Piet Retief eMpumalanga njengoba kuhlaselwe khona ikhansela lewadi uSibonelo Ntshangase nezishoshovu ezimbili ze-ANC uMnu Sandile Khumalo noSizwe Mbingo elokishini lase-Longhomes ngoLwesihlanu olwedlule.
Kuyaziwa endaweni ukuthi uNtshangase ubehamba phambili emizamweni yokulwa nenkohlakalo kulo Masipala njengoba kuqhubeka uphenyo olunzulu mayelana nokuphathwa budedengu nokwebiwa kwemali yomphakathi.
“Sesibekezelele ubugebengu isikhathi eside,” kusho uMbalula.
“I-ANC esihehe izinkumbi zabantu ukuthi bangene ezikhundleni zayo ibingazi ukuthi siheha ngisho izigebengu ezikhundleni zethu ngakho kumele siziqede nya.”
UMbalula ujutshwe nguMengameli Cyril Ramaphosa ukuthi aqale uhlelo lokuqeda amakhansela neziMeya ezinenkohlakalo ezithumba oMasipala zizitapela izimali zomphakathi.
Umphathi omusha we-ANC uthe ithimba lakhe litshale abantu abaphansi ezikhundleni zikahulumeni “ukuze kube lula kwezombusazwe ukubamba izigebengu.”
“Abaningi basizakala ngezingxabano zezepolitiki. Nabantu abangenazo iziqu bachithe oMasipala abaningi.
“Kungani uqasha umuntu oyedwa, owesilisa noma owesifazane ongenazo iziqu? Wenzani ngale mali osuyikhiphile?
“Kungani ubeke eqhulwini ukuthenga izimoto ukhohlwe uMasipala onemigodi?”
Okungenani abantu abathathu, okuhlanganisa nowayeyiMeya yaseMkhondo baboshwe ngamacala ahlobene nokubulala kathathu.
OwayeyiMeya uVusi Motha noSifiso Sangweni baboshelwe ukutholakala nesibhamu nezinhlamvu ezingekho emthethweni kanti bavele eNkantolo yeMantshi yase-Piet Retief ngoLwesibili.
NgoLwesithathu ukuhlasela kwamaphoyisa kule ndawo kuholele ekuboshweni komunye obekwe icala lokubulala.
UKhomishana wamaphoyisa eMpumalanga, uSemakaleng Manamela uthe basola ukuthi uMotha noSangweni yibo abakhiphe izibhamu ezisetshenziswe kulesi sigameko.
NgoLwezi nyakenye kwabulawa elinye ikhansela le-ANC uMnu Muzi Manyathi.
UNdunankulu waseMpumalanga, uRefilwe Mtsweni uthe angu-12 amacala okubulawa kosopolitiki kusukela ngo-2009 angakaxazululwa kulesi sifundazwe.
Esithombeni esingenhla: UNobhala we-ANC uFikile Mbalula ofunga ukuthi uzolwa nezigebengu ngaphakathi ku-ANC
Umthombo wesithombe: @MbalulaFikile