UMbalula angase ahoxise ukwelulwa kwesikhathi sethimba le-ANC Ekurhuleni

Lubhalwe nguDoreen Mokgolo

Amalungu e-ANC e-Ekurhuleni acasukile afuna uNobhala-Jikelele weqembu uFikile Mbalula ahoxise isinqumo sakhe sokwelula isikhathi sethimba elibhekene nokuvuselelwa kwezinhlaka zeqembu esifundeni (RTT).

NgoLwesibili olwedlule, uMbalula wathumela i-imeyili kuNobhala we-ANC eGauteng u-TK Nciza kanye nomxhumanisi we-RTT uJongizizwa Dlabathi ukuthi bamemezele ukwelulwa kwe-RTT.

I-RTT yaqokwa ngoMfumfu ka-2023 ngemva kokuba isinqumo senkantolo sahlakaza ikomidi eliphezulu lesifunda elikhethiwe.

NgoLwesithathu amalungu e-ANC Ekurhuleni, uNsizwa Mekgwe noJoel Ngulele bathumele incwadi ehhovisi likazwelonke ngabammeli, bethi baze bathola lesi sinqumo ezinkundleni zokuxhumana ngomhlaka-17 kuMandulo.

“Ukwelulwa akugunyazwanga yiNational Office Bearers, iNational Working Committee noma iNational Executive Committee. Akulungile futhi lokhu,” kusho incwadi.

La malungu akhathazekile nangokuthi azikho izinyathelo esezithathiwe ngemuva konyaka inkantolo ikhiphe isinqumo sokuhlela ingqungquthela ye-ANC kulesi sifunda.

Banikeze uMbalula kuze kube uLwesihlanu ngomhlaka-20 kuMandulo, ukuthi ahoxise ukwandiswa kwesikhathi noma abhekane nezinyathelo zomthetho.

Umthombo wangaphakathi eqenjini uthe ukushuba kwesimo kuqale ngesikhathi uPheliswa Nkunjana ekhethwa njengoSotswebhu omusha womkhandlu waseKurhuleni ngaphandle kokwazisa ikhokhasi.

“Ababecasukile bafuna kube nengqungquthela maduze noma kushintshwe iRTT ukuze baqokwe,” kusho umthombo.

UNciza ukuqinisekisile ukuthola lesi saziso somthetho wathi: “Njengoba lolu kuwudaba olusemthethweni, silindele imiyalelo evela ehhovisi likazwelonke.”

Esithombeni esingenhla: ithimba le-ANC lesifunda Ekurhuleni.

Umthombo: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva