Lubhalwe ngu-Emily Mgidi
UMbali Sibeko utshele i-Scrolla.Africa ukuthi ukujabulele ukulingisa kwifilimu entsha ye-Netflix enesihloko esithi Ingoma the Song eqale ukukhonjiswa ngempelasonto edlule.
UMbali oyintombazane yase-Chiawelo, e-Soweto ongumphathi wohlelo, umethuli wezinhlelo ophinde aziwe ngokuqhamuka nemibono emisha ukhulume ngokuthi imigomo yakhe imvumele kanjani ukuthi alawule indlela yoshintsho oluvuna yena. Ubuye akhulume ngobuhlungu adlule kubo ngesikhathi ehamba kule ndlela emfinyelelise empumelelweni yakhe.
“Ngesikhathi umqondisi uKagiso Modupe engishayela ucingo engitshela ukuthi ngijoyine abalingisi be-Ingoma bengikulungele.
Le filimu ikhuluma ngothisha wesikole oxoxela abafundi bakhe indaba yempilo yakhe ngaphambi kokuthi aphumelele edalula ukukhashelwa, ubunzima bezezimali kanye nokudayisa izidakamizwa.
UMbali watshelwa ukuthi uzonikezwa indawo nokuthi kumele abe nguye nje aphinde aphendule ngendlela uMbali ongaphandle kwe-Ingoma abezophendula ngayo.
Uyidlale kahle indima yakhe futhi uMzansi uyithandile.
UMbali uthe ukuba embonini yezokungcebeleka bekungeyona into afuna ukungena kuyo kodwa ngesikhathi ividiyo yakhe yokuqala isabalala ngo-2019 wabamba leli thuba ngezandla zombili.
“Abakwa-Brands baye bangishayela ucingo ukuze ngisebenzisane nabo futhi yilapho engabona khona ukuthi ngempela amavidiyo ami angashintsha impilo yami unomphela,” esho.
UMbali naye ungumuntu osiza umphakathi njengoba eyingxenye yezinhlelo ezisiza imiphakathi eswele.
“Ngikhuluma nabantu ikakhulukazi izingane mayelana nobuxhwanguxhwangu ku-inthanethi ngokuthi ngibaxoxela ngesipiliyoni sami nendlela engibhekana nabo ngayo,” esho.
UMbali uthe wabhekana nokuxhashazwa okuningi ku-inthanethi ikakhulukazi ngesikhathi esabalela ezinkundleni zokuxhumana futhi uthi kwakubuhlungu.
“Ngangingeke ngisakwazi ukuvumela abantu ukuthi bangihlukumeze. Lena impilo yami futhi ngiwukaputeni walo mkhumbi,” esho.
Weluleka intsha efuna ukungena kwezokungcebeleka ukuthi izibekezelele.
“Imboni yezokungcebeleka ayilula futhi abantu bangalahlekelwa yilokho abayikho kalula ngoba bezama ukuba into abangeyona,” esho.
“Kuzomele ungene kulo mkhakha wazi ukuthi awuzile ukuzokwenza abangani uzele ukuzosebenza ngaleyo ndlela ngiyakuthembisa uzoya kude.”
Esithombeni esingenhla: UMbali Sibeko
Umthombo wesithombe: Sithunyelwe