UMaya wamukele ukuqokwa njengePhini leNhloko yamaJaji

Kamogelo Olaitan

IJaji uMandisa Maya ukwamukele ukuqokwa njengePhini leNhloko yamajaji kuleli.

UMaya uqokwe ngokusemthethweni kulesi sikhundla nguMengameli uCyril Ramaphosa ngoMbasa.

Phambilini wleyiselwe esikhundleni sokuba umphathi wamaJaji i-JSC ngoNhlolanja, kodwa uMengameli uRamaphosa waqoka iJaji uRaymond Zondo.

I-Judicial Service Commission (i-JSC) ithe ngoLwesithathu uMaya uhambise wonke amaphepha adingekayo.

Amalungu omphakathi ayamenywa ukuthi enze izethulo ezibhalwe phansi mayelana nokuqokwa kukaMaya.

Umnqamulajuqu wokulethwa kwezithulo uzoba ngomhlaka-26 kuNhlaba kanti uMaya uzokwenza inhlolokhono yomphakathi ngomhlaka-20 kuNhlaba. 

Izihloko zakamuva