UMax ubonga amaphoyisa kaMasipala weTheku ngokumphuthumisa esibhedlela

Sizwe Sibiya

Ngemuva kwesonto edutshulwe abesilisa abebehlomile abangaziwa endaweni yokupaka izimoto endaweni yakhe yokudlela edumile ebizwa nge-Maxi’s Lifestyle, uMax Mqadi usedlulise ukubonga emaphoyiseni kaMasipala weTheku amsize ngokumphuthumisa  esibhedlela ngesikhathi edutshuliwe. 

UMqadi wopha kakhulu ngenxa yamanxeba ayedutshulwe wona, kodwa wakwazi ukuzishayelela imoto waya ku-Frorida road enkabeni yedolobha laseThekwini, nalapho azithela khona phezu kwamaphoyisa kamasipala. Ngemuva kokubakhombisa ukuthi udutshuliwe bamphuthumisa esibhedlela.

“Sithanda ukubonga amalungu amaphoyisa kamasipala weTheku, nawase-Mort Region,” kufundeka isitatimende esiqhubekile nohlu lwamagama amaphoyisa ayisithupha, uS Maphumulo, uZ. Mdlalose, u-A. Majola, uZ. Mthimkhulu, u-A Mseleku noN. Ngcobo.

UMqadi udlulele phambili wabonga amaphoyisa “ngokungenelela kwawo kusenesikhathi” esitatimendeni sabezindaba esisayinwe ngumnikazi nomsunguli wale ndawo yobumnandi.

Selokhu abhekana nobunzima, lona oneminyaka engama-51 ubudala uphumile esibhedlela wabuyela emsebenzini.

Ividiyo yakhe amukelwa ngemfudumalo ngabasebenzi bakhe endaweni yokudlela isabalale ezinkundleni zokuxhumana ngoLwesine.

Izihloko zakamuva