Moyahabo Mabeba
UNdunankulu wase-Limpopo uMnu uStan Mathabatha usephumele obala wathi weseka uMengameli uMnu uCyril Ramaphosa ukuba athathe ihlandla lesibili.
UMathabatha uveze lokhu ngoMgqibelo e-Limpopo ngesikhathi ekhuluma emcimbini weqembu wokugubha iminyaka engu-110, kwasungulwa uKhongolose.
UMathabatha uthe “amagatsha e-ANC e-Limpopo athi uRamaphosa kumele ashintshe ukwenza kwezinto abe yisibonelo esihle eqenjini ukuze imizamo yakhe emisha yokubuyisa isithunzi kwi-ANC ingeke ibukelwe phansi”.
“Siyameseka ngenxa yokuzinikela kwakhe ekuvuseleleni i-ANC nokuyihlela kabusha ukuthi ibe umbutho olwela abantu.”
Unyaka ka-2022 uzoba nomthelela omkhulu kwi-ANC kanye namadlelandawonye ayo azobamba izingqungquthela zawo zokukhetha ubuholi obusha ekupheleni kwalo nyaka.
Le ndumezulu yomcimbi ibigcwele intshisekelo yezombusazwe njengoba bekugcwele ungabazane olukhulu mayelana nezokuphepha zikaMengameli ngemuva kokuthi kuphazamiseke imicimbi emithathu ebiyandulela umcimbi omkhulu.
Ngenxa yemithetho ye-Covid-19, uRamaphosa uphoqeleke ukuthi ashiye isikhumbuzo sesishoshovu somzabalazo umamu uLillian Ngoyi, ngemuva kokuqubuka kwesiphithiphithi esifundweni sesikhumbuzo ePeter Mokaba Stadium, kwaphinde kwaphazamiseka nomcimbi wesidlo sakusihlwa weqembu obekuhloswe ngaso ukunxenxa abatshalimali ukuba bafake isandla kuKhongolose.
Okunye okugqamile ukungabonwa nangokhalo kwalabo abake baba ngomengameli be-ANC okubalwa kubo uMnu uThabo Mbeki, uMnu uKgalema Motlanthe noMnu uJacob Zuma.
Isitatimende songomhlaka-8 kuMasingana 2022 besigxile kakhulu esigamekweni somlilo oqubuke ePhalamende kanye nokukhishwa kwengxenye yokuqala yombiko weKhomishini kaZondo.
URamaphosa uvumile ukuthi ukulawulwa kombuso akugcinanga nje ngokucindezela izinsiza zomphakathi kodwa kuphinde kwacekela phansi amandla kahulumeni ngoba kuholele ekutheni kuxoshwe abantu abanamakhono ezikhungweni zikahulumeni ababandakanyeka ekulawulweni kombuso.
Kodwa-ke, ukwazile ukukhuluma ngonyaka omusha wezepolitiki athe uza noshintsho, waphinde wagcizelela ukuvuselelwa kwenhlangano nokuziphatha kahle phakathi kwamalungu eqembu.
URamaphosa uthe “inhloso yekhomishini ukuvuselela kabusha iqembu ukuqinisekisa ukuthi i-ANC yenza iziphakamiso ezingasetshenziswa ngokushesha.”
“Umsebenzi wayo uzophinde usekelwe ngokuthi njalo ibonisane nezinhlaka ze-ANC kanye namadlelandawonye.”