UMaster KG ubuye nomklomelo we-MTV Europe Music Awards

Lona kube ngunyaka lapho iJerusalema yenze umhlaba wadansa.

Ngokuhlonishwa, umenzi wengoma uMaster KG uthole umklomelo we-MTV Europe Music Award ohlwini lwe-‘Best African Act ’ngeSonto ebusuku.

Izwi elimnandi lomculi uNomcebo Zikode lilethe injabulo efini elimnyama lobhubhane lomhlaba kanye nokuwa komnotho.

UMaster KG ogama lakhe langempela linguKgaogelo Moagi usanda kuqopha umlando ngokushaya indawo yokuqala kwi-Shazam Global Charts – umculi wokuqala wase-Afrika ukwenza lokhu.

Impumelelo enkulu yalandelwa yi- “Jerusalem remix” equkethe isihlabani sase-Nigeria uBurna Boy.

Ngesikhathi ethola lo mklomelo uMaster KG ubonge uNomcebo, iqembu lakhe i-Open Mic Productions – nabalandeli bakhe emhlabeni jikelele.

LoDJ we-house ujoyine abaculi abafana ne-Freshlyground, iqembu eliwine le ndondo okokuqala eNingizimu Afrika kowezi-2006 kanye ne-Locnville brothers abayilethe kuleli kowezi-2013.