Sizwe Sibiya
Minyaka yonke abaculi bezinhlobo ezahlukene bakhuphula amasokisi ngethemba lokuthi ingoma yabo izoba yingoma yonyaka emsakazweni wodumo Ukhozi FM.
Yize izibalo zaminyaka yonke zenziwa imisakazo eminingi, selokhu uMaskandi ethathe lesi sicoco ngonyaka wezi-2016 ngengoma kaMroza ethi “Van Damme,” kwi-Top 10 emsakazweni Ukhozi FM ithathwa njengomqhudelwano ongaconsi phansi.
Uhlelo ludlala ngoNcibijane, futhi ngemuva kokubala, ingoma yonyaka idlalwa ngehora le-00:000 mhla zi-1 kuMasingana.
Ngenxa yobuningi babalaleli abasuka KwaZulu-Natali, lapho okukhona izimpande zikaMaskandi, uma ingoma kaMaskandi ingena kwabayishumi, leyo ngoma icishe ibe nesiqiniseko sokuthi izogoduka nesicoco.
Ngokucacisa kahle lokhu, umculi kaMaskandi uKhuzani Mpungose uhlele ukuthi icwecwe lakhe liphume mhla zi-3 kuZibandlela ngowezi-2021. UngowaseNkandla, okuyikhaya lomunye umculi owaziwayo.
Abaculi abaningi bama-piano abheke ukudla umhlanganiso wengoma yonyaka bangase bakuthathe njengempama ebusweni.
Njengoba esezishaya isifuba ngabalandeli abagcwalise i-Moses Mabhida Stadium eThekwini ngonyaka wezi-2019, lo mculi wodumo usethubeni elihle lokuphinde athathe lesi sicoco ikakhulukazi njengoba ingoma yakhe ethi “Ijele” bekuyingoma yonyaka wezi-2020.
Ngaphezu kwalokho, uhlelo lwakumabonakude lwempilo yakhe uKhuzani okwamanje ludlala ku-DStv Mzansi Magic.
Khonamanjalo, izingoma zama-piano ezithi “Abalele” nethi “Asibe Happy zombili zika-Kabza De Small kanye no-Maphorisa no-Ami Faku, nabo basethubeni elihle lokuthatha isicoco. Kodwa uma uKhuzani ekhetha ukungangeneleli kulo nyaka.
Enye ingoma okufanele ibhekwe ngekaZakes Bantwini ethi “Osama” ayicula noKasango, othathwa njengokuthi ngumsindisi womculo we-deep house ngabalandeli ezinkundleni zokuxhumana.