Besilindele ukuthi umasipala weTheku usifunde isifundo ngemuva kwehlazo elikhulu elalahlekisela imeya uZandile Gumede umsebenzi.
Kepha akunjalo; kubonakala sengathi ibuyele ebhizinisini njengenjwayelo.
UZandile namanye amakhansela amane baboshwa ngamacala enkohlakalo nokukhwabanisa okuphathelene nethenda lemali eyizigidi ezingama-R430- yeThekwini Solid Waste ngoNhlangulana kowezi-2019.
UNicole Graham weqembu le-DA, ophinde abe yilungu lesigungu esiphezulu sedolobha, uthi akukho okushintshile kusukela lapho futhi izimpendulo azikho.
Uthi kube nemizamo emikhulu yokunganaki ukuphendula kwabasolwa, okufaka phakathi ukugcina iqembu eliphikisayo lisemnyameni ngamathenda amaningi.
“Akukho okucacayo, kuncane ukuphendula futhi okuwukuphela kwendlela izinto ezizovela ngayo uma kwenzeka abezindaba noma iqembu eliphikisayo libakhubekisa ngemibhalo yezikhulu. Yipharadesi lezigelekeqe, ” kusho uGraham.
Amakhansela amathathu kulawa amane asolwa nawo – aboshwe noGumede – asahola njengamakhansela asasebenza.
UGraham uthi le miholo “inezindleko zabakhokhi bentela cishe ama-R200,000 ngenyanga kanti sekucishe kuphele nonyaka behola.”
NgoNdasa kowezi-2020 umphathi weDolobha uSipho Nzuza, naye othintekayo, waboshwa wamiswa emsebenzini. Ngesikhathi ukumiswa kwakhe kuphela ezinyangeni ezintathu ezedlule, washesha wangena ekhefini eseholile ngokugcwele – okusaqhubeka nokufika imali engama-R275,000 ngenyanga.
Ngenyanga ngaphambi kokuboshwa kwakhe, uGraham wathi uNzuza wanikeza inkampani eyayikade ivinjelwe igama elithi ‘Uhlanga Trading Enterprise’ ithenda yezigidi ezingama-R16,9 yokuhambisa indle.
Isithombe: UZandile noNzuza eNkantolo (@NewsBotZA)