Umasipala wesifunda saseZululand empini yamandla esifundazweni 

Lubhalwe nguSihle Mavuso

Umasipala waseZululand ogxile oLundi usufake isicelo esiphuthumayo enkantolo sokuvimba uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal (CoGTA) ukuba ufakwe ngaphansi kokuphatha. 

Emaphepheni asenkantolo aphambi kweNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu aphinde abonwa ngabakwa-Scrolla.Africa, umasipala oholwa yi-IFP ufuna ukuthi isicelo sokuvimba umnyango enkantolo silalelwe ngomhlaka-12 kuNhlangulana, ngesonto elizayo ngoLwesithathu. 

Ingxenye B yesicelo sokuhoxisa ngokuphelele isinqumo “esingenangqondo” somnyango oholwa nguNgqongqoshe uBongi Sithole-Moloi izolalelwa ngokuhamba kwesikhathi. 

Ukulwa kwezomthetho kuza ngemuva kokuthi iKhabhinethi ephumayo imemezele ngenyanga edlule ukuthi umasipala wesifunda uzonikwa izintambo zokuphatha. 

Esitatimendeni esifungelwe esifakwe nguMnuz Daphne Memela, onguSomlomo woMkhandlu, ukuchithile konke okushiwo yikhabhinethi kokuthi umasipala uyehluleka ukusebenza ngokoMthethosisekelo. 

Okubalulekile, uMemela uvule incwadi yakhe efungelwe ngokuveza ipolitiki edlalwayo. Uthe i-IFP ephethe lo masipala iyimbangi ye-ANC ephethe uhulumeni wesifundazwe. 

Uveze ukuthi uhulumeni wesifundazwe ujwayele ukugxambukela komasipala abangaphansi kwe-IFP njengowakhe. 

UMemela uphinde wafunga ukuthi udaba luka-R33-million olwatholwa ngokungemthetho kuma-akhawunti kamasipala ngoZibandlela nyakenye lwasukunyelwa futhi imali yatholwa. 

Ngaleyo ndlela umnyango awukwazi ukusebenzisa lokho njengesinye sezizathu zokuwufaka ngaphansi kokuphatha futhi unikeze wonke amandla kumuntu oyedwa ukuthi athathele umasipala wonke izinqumo. 

Umasipala ucele ukuthi i-CoGTA iphoqwe yinkantolo ukuthi ifake izincwadi ezifungelwe zokuziphendulela ngoLwesine mhlaka-6 kuNhlangulana. 

Osesithombeni ngenhla: UNgqongqoshe we-CoGTA KwaZulu-Natal, uBongi Sithole-Moloi. 

Umthombo: Sithunyelwe 

Izihloko zakamuva