Lubhalwe ngu-Anita Dangazele
UMasipala waseNelson Mandela Bay (i-NMBM) okhungethwe isomiso usuqinisekise ukuthi amaphrojekthi ayisishiyagalolunye okunwetshwa kwamanzi azophothulwa ekupheleni kukaNdasa nyakenye ukuze kunqandwe le nkinga yamanzi.
INelson Mandela Bay ibhekene nesomiso esibi kakhulu emlandweni. Lo Masipala ubusonqeqemeni olubizwa nge-Day Zero ngoNhlangulana nyakenye.
Ngokubambisana noMnyango Wezamanzi Nokuthuthwa Kwendle, uMasipala omkhulu utshale imali engaphezu kuka-R1.2-billion ukuze kuqalwe inqwaba yezinhlelo zokwandisa amanzi kanye nokunqanda isomiso edolobheni lonke. Inhloso ukunciphisa imiphumela yesomiso kwizakhamuzi futhi kuvikelwe nomnotho wedolobha.
UMasioaka udalule ukuthi uthuthukisa izingqalasizinda futhi wakha namaphrojekthi ayisishiyagalolunye emigodi ukuze kunezelelwe amadamu asetshenziswa kakhulu.
Ngokusho kweMeya yase-NMBM uRetief Odendaal, iphrojekthi enkulu kunawo wonke kulawa maphrojekthi i-Nooitgedacht water treatment works ehlinzekwa yi-Gariep Dam e-Free State.
“Umsebenzi wokuhlanza amanzi owenziwa i-Nooitgedacht njengamanje ungu-70 Ml/ngosuku edolobheni futhi uma umsebenzi wayo usuqediwe izokwazi ukuhlinzeka ngo-210 Ml/ngosuku,” etshela i-Scrolla.Africa.
UMasipala ukuqinisekisile ukuthi uMnyango wezaManzi nokuThuthwa kweNdle kuzwelonke usebenza ngesixazululo sesikhathi eside kule nkinga.
Amazinga amadamu kuMasipala ayaqhubeka nokwehla futhi manje asehle ngo-14.34%. Idamu i-Impofu okuyidamu elikhulu idolobha elikhipha amanzi kulo lehle kakhulu, njengamanje lingu-7%, kanti angaphanzi kuka-1% amanzi atholakalayo.
Njengamanje izindawo eziphakeme kuMasipala waseNelson Mandela Bay izona ezithinteka kakhulu futhi aziwatholi amanzi njalo.
Umqondisi wezamandla nengqalasizinda uJoseph Tsatsire uxwayise ngokuthi izakhamuzi zingase zithole amanzi ahlukile ngenxa yokusilela kwamanzi akhona ukuthi asetshenziswe. Kodwa wathi awanalutho bangawaphuza.
“Okwamanje amanzi asephephile ukuthi angaphuzwa. Nokho uma amadamu eseshile izinga lamanzi lingase lehle. Kodwa lokho kuzomenyezelwa uma kufika isikhathi,” kusho uTsatsire.
Khonamanjalo, u-Odendaal uthe idolobha lisalinde eminye imiyalelo evela eMnyangweni wezaManzi nokuThuthwa kweNdle okungahle kubonakale idolobha lethula eminye imikhawulo.
“Lesi isikhathi esinzima kanti ngokuqhubeka kwesikhathi izinto zizoba nzima kakhulu. Izakhamuzi kudingeka zisebenzise amanzi ngokuwonga ngoba amadamu ethu ayasha futhi kuya ngokuba kubi kakhulu,” ephetha.
Esithombeni esingenhla: IMeya yaseNMBM nosonkontileka bamandla kanye nengqalasizinda
Umthombo wesithombe: Anita Dangazele