OwaseNelson Mandela Bay nohlelo luka R40m lwemigonqozi 

Lubhalwe ngu-Anita Dangazele

I-Nelson Mandela Bay (NMB) ekhungethwe isomiso izokwengeza amalitha angu-10 000 amanzi ngosuku ezinhlelweni zayo.

Ukwengezwa kwamanzi kuza ngemuva kokwethulwa kweprojekthi yase-St Georges Park Wellfield.

NgoLwesibili kwethulwe ngokusemthethweni indawo ethathe imali engongo-R40 million eyakhelwe ukudonsa, ukuhlanza kanye nokusabalalisa amanzi angaphansi komhlaba njengengxenye yokusabalalisa amanzi amaningi.

Isomiso esesidonse iminyaka eyisishiyagalombili esiholele ekutheni kuvalwe namadamu amakhulu kuleli dolobha njengamanje sibhekana noMasipala waseNMB.

Umthamo wamadamu usuwonke manje ungaphezudlwana kuka-12%. Onjiniyela bakuMasipala balinganisele ukuthi amadamu angase ome ngoNtulikazi  kulo nyaka.

Emzamweni wokudambisa imiphumela yesomiso, uMasipala usuqale izinhlelo eziningi zokuthola amanzi. Amaprojekthi aseqalwe uMasipala ahlanganisa ukwengezwa kwezindawo lapho bedonsa khona amanzi ngaphansi komhlaba (boreholes), ukuhlanzwa kwamanzi, kanye nokusetshenziswa kabusha kwamanzi.

Umqondisi wokusabalaliswa kwamanzi e-NMBM, uJoseph Tsatsire uthe izinhlelo zakamuva okuhloswe ngazo ukuthuthukisa ingqalasizinda yamanzi ziyathuthuka.

“Sijabule kakhulu, empeleni lokhu kuzokwehlisa izinga elikhulu lokuswela amanzi esikhathini esizayo futhi kuzosisiza ukuthi sakhe amandla emithombo yamanzi,” kusho uTsatsire.

Kodwa-ke, kule mpelasonto esiphuma kuyo isikhulu se-NMBM, u-Retief Odendaal uzwakalise ukuphoxeka ngezakhamuzi ezithi ukusetshenziswa kwamanzi akukehli kuze kufike ezingeni elidingekayo.

Ephinda amazwi eMeya, iPhini leMeya uMkhuseli Jack unxuse izakhamuzi ukuthi zibambelele ekusebenziseni amalitha angu-50 umuntu ngamunye ngosuku.

“Sizibophezele ekuqinisekiseni ukuthi uMasipala awubhekani nezikhathi ezinzima. Kodwa-ke, sizodinga izakhamuzi ukuthi zisebenzisane nathi ngokunamathela ekusebenziseni amalitha angu-50 umuntu ngamunye ngosuku,” kusho uJack.

UMasipala usuqale umkhankaso obanzi wezokuxhumana ukuze ufundise izakhamuzi ngenkinga yamanzi.

Esithombeni esingenhla: IPhini leMeya kaMasipala wase-NMB uMkhuseli Jack esika iribhini e-St Georges Wellfield ehambisana nabaqondisi ababhekelela amanzi kuMasipala. 

Umthombo wesithombe: U-Anita Dangazele

Izihloko zakamuva