Umasipala waseMtubatuba sekuvele ukuthi nawo awunamali

Lubhalwe nguSihle Mavuso

UMasipala Inkosi Mtubatuba enyakatho yeKwaZulu-Natal usuphenduke odonsa kanzima esifundazweni ukukhokha imali yezimpesheni yabasebenzi esikhwameni i-KwaZulu-Natal Joint Municipal Pension Fund.  

Lo masipala wanqotshwa yi-IFP ngoLwezi 2021, kodwa uhulumeni we-ANC wesifundazwe wabuye wawufaka ngaphansi kotakulo esandleni sikaDkt Siyabonga Ntuli. 

Kumanje usujoyine umasipala waKwaNongoma onenkinga yezimali, nawo ohlulekayo ukukhokha imali yezimpesheni esikhwameni ngemuva kokuyiqoqa kubasebenzi. 

Bobabili omasipala bahlulekile ukukhokhela isikhwama kusukela ngoMbasa. 

Emuva kokuthi i-Scrolla.Africa ibike ukuthi umasipala wakwaNongoma awuzange ukhokhe ngesikhathi imiholo yangomhlaka-26 kuNhlangulana, abanye abasebenzi baseMtubatuba basibikele ngokuthi umqashi wabo naye akakhokhi. 

I-SMS ethunyelwe ku-Scrolla.Africa ngomunye umsebenzi ifundeka kanje: “Lungu le-NJMPF elithandekayo. Umqashi wakho akakayikhokhi ingxenye yemali yempesheni yakho yezinyanga uMbasa noNhlaba 2024. Sicela uxhumane nomqashi wakho ukuze uthole ulwazi olwengeziwe.” 

Omunye umsebenzi wakulo masipala uveze ukuthi imali ye-Medical Aid ayikhokhwa ngesikhathi, kanti nezibonelelo zomakhalekhukhwini azikakhokhwa kwabahlinzeka ngezinsiza.

“Umasipala ubhekene nezingqinamba zezimali, cishe zonke izinkokhelo okumele zikhokhwe kumuntu wesithathu azikakhokhwa namanje,” kusho umsebenzi. 

“Abanye abasebenzi bazamile ukusebenzisa amakhadi abo e-Medical Aid batshelwa ukuthi awakhokheliwe futhi abakwazi ukuwasebenzisa.” 

Imizamo eminingi yokuthola ukuphawula noma uhlangothi lukaNtuli ayiphumelelanga. Ucingo lwakhe belukhala lungabanjwa, futhi akazange ayiphendule imibuzo athunyelelwe yona.  

Esithombeni ngenhla: Umasipala wendawo yaseMtubatuba kusolwa ukuthi nawo awuyikhokhi ingxenye yemali yempesheni yabasebenzi. 

Umthombo: Sihle Mavuso

Izihloko zakamuva