UMasipala waseGoli nomkhankaso wokulwa nobugebengu

Lubhalwe ngu-Everson Luhanga

UMasipala waseGoli ubhekene nengwadla yokuhlenga amakhamera awo e-CCTV abe nesandla ekunqandeni ubugebengu enkabeni yedolobha.

Ilungu leKomidi leMeya lezokuPhepha koMphakathi uDavid Tembe, udalule esithangamini sabezindaba ngoLwesithathu ukuthi uMasipala unenkinga yokulungisa amakhamera awo.

UTembe uthi ukungalungiswa nokugcinwa kwengqalasizinda, ngenxa yezinkinga zenkontileka nenkampani i-Metro Trading kusaqhubeka nokuba nomthelela omubi ezigamekweni ezitholwe kuma-CCTV edolobheni.

UTembe ubuye wakhala ngokucishwa kukagesi okungapheli edolobheni.

“Sihlupheka ngenxa yokucishwa kukagesi. Uma ukucishwa kukagesi kwenzeka, kuholela ekwehleni kobuchwepheshe nemishini, futhi kuba nemithelela engemihle eyengeziwe njengokungatholakali kwezingcingo zomphakathi kanye nezigameko okumele zigwenywe,” esho.

Uthi lo Masipala uvinjezelwe izigebengu ezihlukumeza abantu baseGoli.

“Umthetho ubukelwa phansi futhi kwezinye izikhathi bawukhohlwa ngokuphelele.

UTembe uthi izigebengu zilawula umnyakazo wabantu futhi zenza abantu bazizwe besengozini isikhathi eside.

“Sekuyisikhathi eside abefaka izingane zethu ebugebengwini, begcwele imigwaqo ngezibhamu nezinhlamvu ezingekho emthethweni, begcwalisa imigwaqo yethu ngezidakamizwa nohlu olude lobunye ubugebengu,” kwengeza uTembe.

Uthi lokho kumele kuphele ngokuqashwa kwamaphoyisa kamasipala amasha angu-1 500 enkabeni yedolobha kanye nakwezinye izifunda.

Uthe njengoba amaphoyisa eqhubeka esebenza nokumisa izimoto kanye nokuzisesha, izigebengu sezimpintshiwe zizwa ingcindezi.

UMqondisi woMnyango wamaPhoyisa kaMasipala waseGoli uGabriel Kgaswane,  uthi ukusebenzisana nabakwa-SAPS, i-Community Police Forums, nezinye izinhlaka zomthetho kunyuse ukubonakala kanye nokusebenza kwamaphoyisa.

“Sizoqhubeka nokuzimisela futhi nokusebenza ngokuzikhandla. Asikubekezeleli neze ukukhwabanisa nenkohlakalo,” kusho uKgaswane.

UKgaswane uthi izikhulu eziyotholakala zingaphandle kwemigomo yomthetho zizothathelwa izinyathelo. “Asinazwelo futhi asixoleli. Amaphoyisa ayisishiyagalombili axoshwa e-JMPD, amabili kwa-EMS, nelilodwa elisebenza lapho okwenziwa khona amalayisensi,” engeza.

Enyangeni edlule, uKgaswane uthi amaphoyisa abophe izimoto ezingu-569 ezebiwe, athola izimoto ezebiwe ezingu-134, abopha abantu abangu-47 ngokutholakala nezidakamizwa.

Osesithombeni esingenhla: UDavid UTembe ekhuluma esithangamini nabezindaba eGoli ngoLwesithathu

Umthombo wesithombe: Everson Luhanga

Izihloko zakamuva