
Dylan Bettencourt
Ihhotela likanokusho nomnyango kahulumeni babalwa namakhasimende amaningi asemazingeni aphezulu asolwa nguMasipala wase-Tshwane ngokungakhokhi izikweletu zawo zikagesi.
Lo masipala ube usucishela leli hhotela ugesi!
Izikhulu zikamasipala zigasele kuleli hhotela likanokusho i-Sheraton eliseduze nezakhiwo zenyunyana ngoLwesithathu – bezingazile ukuzongcebeleka-kodwa bezizocisha ugesi.
Ngemuva kokucisha ugesi, kuye kwaxhunywa amanzi ehhotela kuphela, ukuze okungenani izivakashi zikwazi ukujabulela ukubhukuda kwi-swimming pool.
“Asidlali lapha. Yenzani izinhlelo zokukhokhela i-akhawunti yenu ngaphambi kokuba nizithole nisebumnyameni,” kusho umasipala ubhala ezinkundleni zokuxhumana ngoLwesithathu.
Ihhotela i-Sheraton alikaze likhokhe izikweletu zalo zezidingo kusukela kwaqala ubhubhane lwe-Covid-19, manje linesikweletu sika-R23 million sama-rates, izintela, amanzi kanye nogesi.
Khonamanjalo, inkampani eyakha izibhamu i-Denel nayo izithole isenkingeni nohulumeni wase-Tshwane. Ngemuva kokwenza isikweletu esingaphezu kuka-R2.2 million – izinsiza zabo ziye zacishelwa ugesi ngoLwesithathu ntambama.
Ezinye izinkampani ezicishelwe ugesi kubalwa i-Lyttelton Shopping Centre ekweleta u-R750 000, indawo yezohwebo i-Blue Beacon ekweleta u-R2.3 million noMnyango wokuthuthukisa ingqalasizinda okweleta u-R260 million.
UMasipala wase-Tshwane ukuqinisekisile ukuthi unohlu lwezinkampani ezingu-47 ozikweletayo – futhi maningi impela amagumbi asazobamnyama ebusuku!
Ngokwazi ukuthi uMasipala wase-Tshwane awudlali, ikomkhulu le-South African National Defence Force (SANDF) Navy likhokhe izikweletu zalo ngemuva nje kokunqanyulelwa ugesi ngoLwesithathu. UMasipala uye wabuyisa ugesi ngemuva nje kwalokho.
Okhulumela uMasipala wase-Tshwane uSelby Bokaba uthe ukunqanyulwa kukagesi emabhilidini kuyisinyathelo sokugcina ngemuva kokuzama ukuxoxisana nabathintekayo.
“Abanye bazama ukusilimaza ngokwemizwa bethi sizokhipha abantu emsebenzini ngokuncisha izinsiza. Kodwa nathi singabahlinzeki bezinsiza, ngeke sikwazi ukukhokha izikweletu zethu uma amakhasimende ethu engasikhokheli. Sinencwadi yabasikweleta imali engaphezu kuka-R17. billion,” kusho uBokaba.
Umkhulumeli wengeze ngokuthi imizamo yabo yokukhokhelwa isikweletu sabo ayipheli namuhla, ngesonto elizayo bazobhekisa amabombo ezindaweni zokuhlala nezindawo eziningi.