Umasipala wase-Mogalakwena unemifula egcwele mfi yindle

Moyahabo Mabeba

Idolobha lase-Mahwelereng kumasipala wase-Mogalakwena e-Limpopo linemifudlana egcwele indle. Umasipala nawo wehlulekile ukususa inqwaba yemfucuza, njengoba imigwaqo yawo iphenduka izindawo zokulahla udoti.

Izakhamizi zithi zihlala ezimeni ezingenampilo ngenxa yokuthi udoti awususwa kanye nendle enukayo engcolisa umoya.

Isakhamuzi uJohnny Kgosana usole umasipala ngokungasebenzi kahle kwezokuphatha kanye nokushoda kobuholi bezepolitiki.

“Umasipala awunandaba nabahlali. Sibhekene nezimo ezimbi kakhulu sengathi kukhona okungahambi kahle esikwenzile,” esho.

“Lezi zimo ezidabukisayo kungenxa yokuntuleka kobuholi emkhandlwini kanye nokuhilizisana kwangaphakathi eqenjini elibusayo.”

USihlalo we-Mogalakwena Concerned and Affected Communities, uMotlatso Selomo, uthe inkinga yohlelo lokuthuthwa kwendle olungaphumeleli sekuneminyaka luqhubeka.

“Kunomuzi lapho indle ibilokhu ichichima khona izinyanga. Kuthatha izinyanga  ezingaphezu kweziyisithupha ukuthi umasipala alungise izinkinga ezifana nalezi,” kusho uSelomo.

Uthe ukukhathazeka kwabo sekuwele ezindlebeni ezingezwa zikamasipala. Baphinde bahambisa lolu daba kwiKhomishini Yamalungelo Abantu kodwa akwenziwanga lutho.

Okhulumela uMasipala wase-Mogalakwena uMalesela Selokela uthe: “Sicela indawo ngqo lapho lezi zinkinga zithinta khona abahlali. Kuba nzima ukubona izindawo ezithintekile uma kungekho muntu osikhombisa ngendlela efanele.”

Umasipala ubekwe ngaphansi kokucubungulwa ngemuva kwezinsolo ezinzima zenkohlakalo kule minyaka eyishumi edlule okuholele ekutheni okungenani kube khona izimeya eziyisithupha ezikhonjiswa umnyango.

NgoNdasa uMengameli uCyril Ramaphosa wasayina isimemezelo esigunyaza uPhiko Olukhethekile Lwezokuphenya ukuthi luphenye izinsolo zenkohlakalo nokuphathwa budedengu.

Izihloko zakamuva