Umasipala wase-Lephalale ugcwele inkohlakalo

Everson Luhanga

Omasipala abaningi bahlulekile ukusiza izakhamizi zabo ngokucekela phansi amaphrojekthi engqalasizinda kanye nokulethwa kwezidingongqangi.

Kodwa kunabanye abheda kakhulu kangangokuthi akusekho mayelana nokulethwa kwezinsizakalo – kodwa sekumayelana nobugebengu.

UMasipala wase-Lephalale ubukeka njengesinye sezibonelo ezithusa kakhulu zohulumeni basekhaya.

Futhi sekukubi kangangokuthi usuhehe iso loKlebe.

Uphiko oluphenyayo luqinisekise i-Scrolla.Africa ukuthi baphenya amacala enkohlakalo mayelana noxhaxha lwamathenda abawathola, iningi lawo enzelwe imisebenzi engakapheli.

Imiphakathi engaphansi kwaMasipala wase-Lephalale e-Limpopo iphila ngaphansi kwezimo ezimbi:

Eminingi ayinawo amanzi ahambayo, ayinazo izindlu zangasese azishaywayo futhi kufanele baphile ngaphandle kwezinsizakalo eziyisisekelo.

Amaphrojekthi amile ngesikhathi imali ekhishelwe lokho kusolwa ukuthi isetshenziswe ngendlela engeyona iziphathimandla zikamasipala.

Ngakho iqembu labahlali abakhathazekile livule icala esiteshini samaphoyisa e-Lephalale, kanti manje oKlebe baphenya leli cala.

U-Andries Mocheko, ongumhlali kulo masipala, uthe kule minyaka eyisishiyagalolunye iMeya uJack Moloko Maeko indlela aphethe ngayo lo masipala usebenzise imali eyizigidi zamarandi kumaphrojekthi amile angaqediwe.

UMocheko uthi ngoNtulikazi, oKlebe bavakashela ihhovisi lemenenja kamasipala bafuna umbiko onemininingwane  yokuthi isetshenziswe kanjani imali kumaphrojekthi ayi-11 angaqediwe.

“Sinamaphrojekthi amabili okuhlanza amanzi, enye isedolobheni eliseduze ne-Lephalale Mall kanti enye isesigodini. Womabili awaqediwe.

“Kwakuneprojekthi yokuthuthwa kwendle elokishini lase-Marapong eyaqalwa ngowezi-2017, kodwa yayekwa”.

Yize imali ibhaliwe ukuthi isetshenzisiwe, abanye osonkontileka bathi umasipala awubakhokhele.

Lesi simo esishaqisayo sokulahleka kwemali nokuntuleka kokulethwa kwezinsizakalo kuthiwa kube nomthelela ekuchithekeni kwegazi phakathi kwamaqembu e-ANC ahlukene mhla ziyi-19 kuNhlangulana emhlanganweni jikelele wegatsha esigabeni sase-Waterberg. Kudutshulwe abantu ababili, abanye abayi-16 balimala nezimoto eziningi zalimala.

Omunye umhlali, uWilliam Mothoni, usitshele ukuthi ukudutshulwa kwabantu kulo mhlangano ngoNhlangulana bekufanele kube yisikhuthazi sokuthi ubuholi bukazwelonke beqembu elibusayo bucele ukuthi kwenziwe uphenyo futhi kungenelelwe nasekuphathweni kukamasipala.

Okhulumela oKlebe uColonel Katlego Mogale ukuqinisekisile ukuthi baphenya amacala enkohlakalo abhekene nezikhulu zikamasipala. Uthe akukaboshwa muntu okwamanje.

Izihloko zakamuva