Lubhalwe nguDoreen Mokgolo
Izakhamizi ezihlala emabhilidini aduniwe e-Germiston azinawo ugesi namanzi ngemuva kokuba izikhulu zikamasipala wase-Ekurhuleni zinqamule izintambo zezinyokanyoka kula mabhilidi.
NgoLwesihlanu, lo masipala uhlonze izakhiwo namabhizinisi angu-19 enkabeni yedolobha e-Germiston anezikweletu ezingaphezu kuka-R65-million ezingakhokhiwe.
Ukunqanyulwa kwezinsiza kuyingxenye yomkhankaso oholwa ngu-MMC wezamandla uMzayifane Ngwenya kanye no-MMC wezeziMali uJongizizwe Dlabathi wokumisa ukulahleka kwemali engenayo kanye nokukhokhwa kwezikweletu zikamasipala.
UNgwenya uthe abaqashi emabhilidini aduniwe bayawakhokhela amanzi nogesi, kodwa abanikazi bezindlu abawukhokheli umasipala.
“Sidinga izinyathelo ezinqala ukuqinisekisa ukuthi siyayithola imali kula mabhilidi. Sizoqhubeka nokubheka amabhilidi aduniwe ukuze kunqandwe izinyokanyoka,” kusho uNgwenya.
UDlabathi wengeze ngokuthi umasipala uwabuyisela kuwo amabhilidi aduniwe.
“Sizoqapha ukuxhunywa kwezinyokanyoka bese sihlela ukususa abaqashile. Iningi lalezi zakhiwo aziphephile futhi zingaba yingozi yokuqubuka kwemlilo,” usho kanje.
UNksz Nombizodwa Zulu, ohlala ebhilidini eliduniwe, uthe ubengazi ukuthi liphethwe abantu ngokungemthetho.
“Sengihlale lapha kusukela ngonyaka odlule, ngikhokha irenti futhi ngithola nezinsiza. Bezingekho izimpawu zokuthi leli bhilidi alikho emthethweni. Ngifisa sengathi umasipala ubusitshelile ukuze sithole izindawo zokuhlala ezintsha. Sengiyikhokhile irenti kaNcwaba futhi angikwazi ukukhokhela enye indawo yokuhlala entsha,” usho kanje.
Osesithombeni ngenhla: U-MMC wezezimali wase-Ekurhuleni uJongizizwe Dlabathi.
Umthombo: Doreen Mokgolo