Umasipala waKwaNongoma ukhokhe u-R2-million ngophenyo lwezinsuku eziyishumi

Lubhalwe nguSihle Mavuso

I-invoysi eputshukile yangaphakathi iveze ukuthi umasipala waKwaNongoma, enyakatho yeKwaZulu-Natal onezinkinga zemali, wakhokha kanjani u-R2-million ngophenyo lwe-forensic lwezinsuku eziyishumi olwenziwa ngoNhlangulana kulo nyaka.

Uphenyo belumayelana nemisebenzi yowayeyimenenja kamasipala (MM), isikhulu esiphezulu sezimali (CFO) kanye nemenenja ye-supply chain ababoshwa ekuqaleni kwalo nyaka.

Okuqaphelekayo mayelana ne-invoysi yenkampani yophenyo ehlola amacala ezinze oThongathi ukuthi umasipala ongaphansi kwe-NFP-ANC-EFF wayikhokha le mali ngaphandle kokubuza imibuzo, yize ziningi izinkinga ezazibonakala.

Enye yalezi zinkinga kwakuyindlela amaphepha ezikhathi zezisebenzi axhunywe yinkampani ayebonisa ngayo ukuthi ngesinye isikhathi basebenza amahora angu-20 ngosuku ngaphandle kokuthatha ikhefu.

Okunye, inkampani ayizange ilandele izindlela eyisisekelo ukubalula imisebenzi ngendlela ku-invoysi yeklayenti. Okunalokho, ivele yabhalwa ukuthi “uphenyo olu-forensic” yase ikhokhisa umasipala.

I-invoysi yasayinwa nguBrian Dube, oseyibamba le-CFO. Ngaleso sikhathi uDube wayengumphathi wezindleko.

Abanye abasayina i-invoysi enezinkinga nguSipho Nkosi, owayeyibamba lemenenja kamasipala noBhekokunye Menyuka, owayeyibamba lesikhulu esiphezulu sezimali – bobabili bashiye kumasipala ngemuva kokuthi inkantolo ikhiphe isinqumo esiphikisa ukwelulwa kwezinkontileka zabo.

IMeya kamasipala, uClifford Ndabandaba, ayizange iphendule ngesikhathi i-Scrolla.Africa imbuza mayelana ne-invoysi.

Lo masipala ubhekwe ngabomvu ngemuva kokuthi uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu esifundazweni uwudlulisele eNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu.

UMnyango ufuna ukuhoxisa isinqumo sawo sokuqoka uDube njengebamba lesikhulu esiphezulu sezimali kanye noNhlakanipho Zulu njengebamba lemenenja kamasipala, ngoba abanazo iziqu namava okuphatha lezi zikhundla futhi ukuba khona kwabo kuzokhubaza isimo sezimali saKwaNongoma.

Esithombeni ngenhla: Umasipala waKwaNongoma ukhokhe u-R2-million ngaphandle kokubuza imibuzo.

Umthombo: Facebook

Izihloko zakamuva