Umasipala wakwaNongoma ocwile ezikweletini udinga ngaphezu kuka-R58m

Lubhalwe nguSihle Mavuso

Umasipala waKwaNongoma, enyakatho yeKwaZulu-Natal onenkinga yezimali, usunezinyanga ubhekene nenkinga yezimali, ngokusho kwezincwadi ezitholwe yi-Scrolla.Africa.

Ngenxa yokudonsa kanzima kwezezimali umasipala ukholwa wukuthi uzophetha unyaka kushoda ngaphezudlwana nje kuka-R58 million.

Lokhu kuqukethwe yincwadi evela kwimeya, uClifford Ndabandaba, ayibhalele uBarbara Mgutshini oyiNhloko yoMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, kanye nowayeyibamba likaNgqongqoshe uPeggy Nkonyeni.

Incwadi eyangomhlaka-30 kuMbasa 2024. Kuyo, uNdabandaba uchaza ngezinselelo zezimali zikamasipala futhi uzwkala  ukuzikhalela ngokutakulwa ngezezimali nguMnyango.

“Njengoba kubhalwe encwadini yangomhlaka-11 kuMbasa 2024, lapho umasipala wawucela khona uxhaso lwemali eMnyangweni, kungenxa yokuthi umasipala unezinkinga kwezezimali.

“Kulindeleke ukuthi ekupheleni konyaka, umasipala ube nokushoda kwemali engu-R58,590,898.50.  Lokhu kudalwa umehluko wesikhathi phakathi kokuqoqwa kwemali etholwayo kanye nokukhokha kwabakweletayo kusukela ngonyaka owandulela owedlule,” kubhala uNdabandaba. 

“Eqinisweni lokhu umphumela wokusalela emuva kwezezimali. Kodwa naphezu kobishi umasipala ozithola ukulo kodwa uyaqhubeka nokusebenza kuzo zonke ezinye izingxenye,” kufundeka ingxenye yale ncwadi.

UNdabandaba akazange ayiphendule imibuzo ayithunyelwe i-Scrolla.Africa kanti nocingo lwakhe belukhala lungabanjwa.

Lo masipala uphethwe umfelandawonye we-ANC, i-EFF, ne-NFP ngemuva kokukhishwa kwe-IFP ngoNhlangulana nyakenye.

Lezi zindaba zakamuva zivela nje kunemibiko yokuthi abasebenzi bamasipala badinwe bagane unwabu ngemuva kokuthola ukuthi umasipala awusayikhokhi ingxenye yemali yempesheni okumele ngabe uyayikhokha esikhwameni sempesheni yabasebenzi kusukela ngoMbasa walo nyaka.

Laba basebenzi baziswe nge-SMS ukuthi umasipala ubungayikhokhi imali esikhwameni sempesheni kamasipala i-KZN Joint Municipal Pension Fund. Isikhwama sicele abasebenzi ukuthi bathinte umasipala ngalolu daba https://izindaba.scrolla.africa/sekuqubuke-izinsolo-zokuthi-umasipala-wakwanongoma-awusenamali/

Esithombeni ngenhla: Umasipala waKwaNongoma usunezinyanga unezinkinga zezimali. 

Umthombo: Sihle Mavuso

Izihloko zakamuva