Umasipala uthi usukulungele ukuya enkantolo mayelana nodaba lokubuya kukaLerutle

Lubhalwe nguDoreen Mokgolo

UNgqongqoshe uVelenkosini Hlabisa uthi idolobha liphule umthetho ngesikhathi linikeza uKagiso Lerutle inkontileka yesibili.

IMeya uNkosindiphile Xhakaza uthi lolu hlelo belunobulungiswa futhi ufuna izingxoxo zikahulumeni zilungise le nkinga.

IMeya yaseKurhuleni uNkosindiphile Xhakaza uthi idolobha lizoya enkantolo uma kufanele, ukuze livikele indlela abamnikeze ngayo uKagiso Lerutle umsebenzi wakhe wokuba i-Group Chief Financial Officer.

Lokhu kuza ngemuva kokuthi uNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu uMnuz Velinkosi Hlabisa ethe ukuqokwa kwakhe akukho emthethweni.

Encwadini eputshuziwe, uHlabisa utshele uNgqongqoshe wase-Gauteng uJacob Mamabolo ukuthi iDolobha laseKurhuleni alizange lilandele imithetho ngesikhathi linikeza uLerutle inkontileka yeminyaka emihlanu ngoNcwaba ka-2024.

Uthe umsebenzi bekungamele ube inkontileka yesikhathi esinqunyiwe wathi lokhu kwephula umthetho.

Uphinde waveza ukuthi isigungu esakhetha uLerutle sasinamakhansela amathathu kodwa umthetho uthi kumele kube nelilodwa.

Ngenxa yalezi zinkinga uHlabisa uthe ukuqokwa kwakhe akukho emthethweni ngakho kumele kuhoxiswe.

Uphinde wathi idolobha liyanqaba ukulungisa iphutha kunalokho lifuna ukuyisa lolu daba enkantolo enkulu.

UHlabisa unikeze uMamabolo izinsuku ezingu-14 ukuthi asho ukuthi lolu daba luzolungiswa kanjani.

Kodwa uXhakaza umile esinqumweni sedolobha. Uthi incwadi kaNgqongqoshe ishiya imininingwane ebalulekile.

“Ngiyakuqonda ukukhathazeka, kodwa incwadi ayikuchazi konke okwenzekile,” kusho yena.

Ukholelwa ukuthi ukuqokwa kukaLerutle bekunobulungiswa futhi bekulandelwa imithetho.

Kumanje imeya icela abaholi bakahulumeni kuzo zonke izigaba bahlale phansi bathole indlela eya phambili.

Osesithombeni esingenhla: Imeya yaseKurhuleni uNkosindiphile Xhakaza.

Umthombo wesithombe: Doreen Mokgolo

Izihloko zakamuva