UMasipala unxenxa izakhamuzi zonge amanzi

Kamogelo Olaitan

UMasipala i-Nelson Mandela Bay (NBM) e-Eastern Cape uzichithile izinsolo zokuthi amazinga amadamu awo ehle kakhulu.

NgoMsombuluko ekuseni kuvele imibiko yokuthi idamu i-Impofu selifinyelele ku-0% okusho ukuthi amanzi awasekho.

UMasipala uwuchithile lo mbiko wathi izinga lamadamu selifinyelele ngaphezudlwana kuka-12.26% kodwa wanxusa izakhamuzi ukuthi ziwasebenzise ngokuwonga amanzi.

Lokhu kushiya kuphela iDamu i-Churchill ukuthi lihlinzeke izindawo ezinkulu zoMasipala base-Kouga kanye ne-Nelson Mandela Bay ngamanzi.

Ekhuluma nabezindaba uJoseph Tsatsire ongumqondisi obhekele ukwabiwa kwamanzi e-NBM uvumile ukuthi babhekene nenkinga kodwa wathi kukhona abangakwenza ukuze bangabhekani nayo.

Uthe amanzi asetshenziswa uMasipala angu-278 ngosuku, kanti angu-230 kuphela atholakala edamini i-Gariep.

“UMasipala uzoba nokuphazamiseka kwamanzi noma ukuhlinzekwa ngezikhathi ezithile ngoba izinsiza ezikhona zincane kunalezo ezisetshenziswayo. Lokhu kusho ukuthi uma abathengi behlisa ukusetshenziswa kwamandla afike ku-230 megalitres uMasipala uzogwema lokhu okubizwa nge-Day Zero endaweni,” kusho uTsatsire.

Ngezinkundla zokuxhumana ama-poster kanye nama-loudhailers uMasipala uhambe ucela izinkulungwane zezakhamizi ukuthi zisebenzise amanzi ngokuwonga.

UMasipala uthe ususungule izindawo zokuqoqa amanzi ezingu-16 eduze kukaMasipala omkhulu ukuze uhlinzeke izindawo ezingaphansi kuka-105.

Inhlangano esiza esimweni sezinhlekelele i-Gift of the Givers iveze ukuthi izothumela amathimba azomba imingonqozi ukuza umasipala enkingeni yamanzi.

Scrolla World Cup Quiz