Lubhalwe nguKarabo Rammutla
Ngesonto eledlule abagibeli abebesebenzisa i-Tshwane Bus Services basale dengwane ngenxa yokuthi uphethiloli wamabhasi ubungekho ngoba abahlinzeki bebengakakhokhelwa.
Nyakenye abanye abasebenzi bakaMasipala wase-Tshwane bathole izinkokhelo zabo sekwephuzile, kodwa umasipala wasola ibhange ngalokho.
Muva nje inkampani ephehla ugesi u-Eskom ucele uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana ukuthi ungenelele emizamweni yokuthi umasipala ukhokhe isikweletu sawo esingaphezu kuka-R 1 billion; U-Eskom uthe ukungakhokhi kukaMasipala wase-Tshwane kwenza isimo sibe sibi kakhulu.
Kodwa-ke, ukulwa kukaMasipala nezinkinga zezimali akuzange kuwuvimbe ukuthi uhlakaze uphinde unqamule izinsiza kumakhasimende awo angakhokhi.
NgoLwesine imeya uRandall Williams uhole umkhankaso wokunqamulela amakhasimende angakhokhi izinsiza kusukela e-Pretoria West.
Lo mkhankaso obizwa nge-#Tshwaneyatima waqala nyakenye futhi wawubhekiswe kosomabhizinisi abahamba phambili, izakhiwo zikahulumeni kanye namahhovisi enxusa.
Kodwa e-Pretoria West bekuqondwe osomabhizinisi abancane.
Kusukela ezindaweni zokucwala izinwele kuya ezitolo ezidayisa ukudla, izikhulu zikamasipala ebeziholwa yimeya zinqamule amanzi zacima nogesi kumakhasimende angakhokhi.
UWilliams uthe bathole ukuthi kunezinyokanyoka ezixhunywe ngosomabhizinisi nabanye abahlali.
“Njengamanje sizinqamulile izinyokanyoka futhi bazohlawuliswa kanzima. Asikubekezeleli nhlobo ukuxhunywa kukagesi ngokungemthetho. U-Eskom uvamise ukubanga umsindo ngesikweletu sethu, ngakho sidinga amakhasimende ethu ukuthi akhokhele izinsiza noma sizozinqamula,” esho.
Umnikazi webhizinisi ongathandanga kudalulwe igama lakhe uthe umasipala usebenzisa amandla awo budedengu.
“Kunenkinga ngokukhokha kwabo imali, amapayipi abo ayavuza futhi sivamise ukukhokhiswa ngalokho nokuyinto thina esisuke singahlangene nayo. Balapha ukuze banakwe ngabezindaba nokuzosihlaza,” esho.
Uthe izicelo zabo zokuthi baxoxisane ziwele ezindlebeni ezingezwa.
“Bakweleta u-Eskom kodwa bayaxoxisana nawo futhi abakwa-Eskom bayabalalela. Kungani bengasilaleli? Sengizamile ukuxoxisana nabo ngokwenza uhlelo lokukhokha kodwa kunqanyulwe izinsiza endaweni yami yokucwala izinwele. Ngizokhokha kanjani ekubeni kungekho mali engenayo?” esho.
Esithombeni esingenhla: Imeya kamasipala wase-Tshwane uRandall Williams
Umthombo wesithombe: Sithunyelwe