Joseph Chirume
Njengoba isomiso sishuba e-Nelson Mandela Bay iziphathimandla ziphelelwa isikhathi ukuze zihlenge abantu enhlekeleleni.
Lesi sifunda sibe nemvula engeyinhle kule minyaka emihlanu edlule. Izinga lamanzi emadamini njengamanje liku-12.38% okuyizinga eliphansi kakhulu.
Elokishini laKwaNobuhle nakwezinye izindawo zase-Uitenhage sekuphele izinyanga ezimbili engekho amanzi aphuma empompini.
Izakhamuzi bezilokhu zithembele kumaloli athwala amanzi ahlinzekwa nguMasipala kodwa bathi amathangi ayashintshashintsha.
UNomakhaya Mti uchitha isikhathi esiningi elinde ukuthi ithangi lamanzi lifike endaweni yangakubo e-Gunguluza KwaNobuhle.
UMti uthe “Impela isimo asisihle izikole ziyavalwa kanti nemitholampilo ayisebenzi uma ingenawo amanzi anele.”
Izakhamuzi zisola uMasipala ngokuphatha imali ngendlela engafanele njengoba kusondela i-Day Zero.
UMasipala uhlulekile ukusebenzisa izimali ezikhishwe uMnyango wezeziMali kuzwelonke ukubhekana nenkinga yamanzi ngokusho kukaMnuz Simpiwe Dada we-Makukhanye Rural Social Movement oyilungu le-Nelson Mandela Bay Water Crisis Committee (i-NMBWCC).
“Okwesibili, baphuzile ukusabela kwi-Day Zero baze bafaka nezindlela zokulungisa ukuvuza kwamanzi futhi kuyabonakala ukuthi uMasipala awuzimisele ngenkinga yamanzi.” Kuchaza uDada.
Elinye ilungu laleli komidi uSiya Mama utshele i-Scrolla.Africa ukuthi “ukulungiswa kwesabelomali kubambezelekile ngenxa yepolitiki yamaqembu kanye nokuzikhukhumeza kwabaholi futhi lokhu kwenza abantu basemadolobheni bahlupheke.
“Izikhulu azinazo izintshisekelo zabantu enhliziyweni,” kwengeza uMama.
Ngemuva kokuvakashela esiteshini saKwaNobuhle Pump ngoLwesibili umholi we-Democratic Alliance uJohn
Steenhuisen uthe, “njengoba i-Day Zero izohlasela esikhathini esingaphansi kwezinsuku ezingu-22 uhulumeni wase-Nelson Mandela Bay uyantengantenga futhi akanazo izinsiza zokubhekana nalesi simo esibucayi futhi kubonakala sengathi alukho uhlelo lokulawula izinhlekelele.
“Kuyangicacela ukuthi e-NMB alikho isu eliphelele le-Day Zero,” kuchaza uJohn.
“Uma kungaphumi ngisho iconsi kompompi bendawo entshonalanga naseningizimu, i-Nelson Mandela Bay izoba ngumasipala wokuqala emhlabeni ukuphelelwa ngamanzi.”