UMasina uhoxe embangweni kwesikaMgcinimafa 

Lubhalwe nguZukile Majova

Ongumesekeli omkhulu wowayenguMengameli wezwe uMnuz Jacob Zuma ku-ANC eGoli, uMnu Mzwandile Masina uyaqhubeka nokuba nonyaka ongemuhle.

OwayeyiMeya yase-Ekurhuleni usanda kuphoqeleka ukuthi esule esikhundleni sokuba ikhansela kuMasipala wase-Ekurhuleni kanye nokuba uSihlalo we-ANC esifundeni.

Lokhu kwenzeke ngemuva kokuthi ephazamise izinhlelo ezazigunyazwe i-ANC zokuthi i-EFF ithathe izintambo zokuphatha Ekurhuleni.

Uhlelo beluwukuthi umfelandawonye we-ANC ne-EFF uzoketula iMeya ye-DA uTania Campbell.

I-ANC ibizonika i-EFF umasipala onesabelomali sika-R35 billion ukuze i-EFF isize i-ANC ekuqedeni umfelandawonye we-DA e-Tshwane nakuMasipala waseGoli.

Ephucwe amandla, uMasina ubenethemba lokuthi uzoqokelwa ohlwini lwabayisikhombisa be-ANC esikhundleni sokuba uMgcinimafa Jikelele.

Kodwa noma amaphepha okuvota eseshicilelwe, uMasina uye waphoqeleka ukuthi aphume ohlwini.

Amagatsha aphakamise uBejani Chauke ongumeluleki okhethekile kaMengameli, uMnu Pule Mabe okhulumela i-ANC kuzwelonke kanye noMasina esikhundleni soMgcinimafa.

Esithangamini  nabezindaba, uMasina obenoMabe uthe uyaphuma ukuze anikeze uMabe ithuba elingcono lokuwina.

Isikhundla sikaMgcinimafa kwi-ANC sesiphenduke inselelo enkulu njengoba iqembu elibusayo lilwela ukuheha abaxhasi.

Sekuwumkhuba ukuthi abasebenzi basekomkhulu le-ANC eLuthuli House bahlale izinyanga   bengaholi ngenxa yokuntuleka kwemali.

UMengameli Cyril Ramaphosa uvumile ukuthi kudingeke ukuthi akhokhe imiholo yaseLuthuli House ngemali ephuma ephaketheni lakhe izikhawu eziningana.

Esithombeni esingenhla: UMzwandile Masina

Umthombo wesithombe: Zukile Majova

Izihloko zakamuva